EzintshaKaizer Chiefs

UPa Gaxa uveza okumxakayo ngoMcCarthy kwiChiefs

UMcCarthy ngomunye wabadlali abasebancane abaphuma enkulisa yaMakhosi futhi abathembisa kakhulu.

Nokho uPa Gaxa – oyinkakha yaleli qembu – akenelisekile ngendawo asedlaliswa kuyo muva nje, athi iyamklinya lo mdlali.

UMcCarthy uqale edlala emuva kwesokunxele ngesikhathi iChiefs ibhaxabulwa kabi yi-Orlando Pirates ngempelasonto.

NgokukaGaxa, indawo adlaliswe kuyo uMcCarthy ngenye yezonto ezibe nomthelela kulo mphumela walo mdlalo. 

“Ukudlalisa uMcCarthy kwesokunxele emuva kungimangazile mina,” kusho uGaxa kwiState of Football Podcast. 

“Mina ngimbona emuhle kakhulu emuva maphakathi nenkundla. Akukhathalekile ukuthi usemusha kuleli zinga – mdlale khona. 

“Kumele umdlalise, umethembe… Sebenzisa abadlali basemuva kwesokunxe kuleyo ndawo yabo abayazi kangcono.

“UMcCarthy bese umdlalisa endaweni yakhe emfanele. Ngasekupheleni komdlalo esebuyele endaweni yakhe emuva maphakathi nenkundla udlale kangcono.

“Ukwazile ukuwina amabhola ngoba ungumdlali wasemuva maphakathi,” kwengeza uPa Gaxa.

Ube eseveza ukukhathazeka kwakhe ngendlela iqembu elidlale ngayo sengathi lichelwe ngomathithibala.

Ube esezifaka ziphelela nakubaqeqeshi oCedric Kaze noKhalil Ben Youssef, ethi bafana nento engekho nje ngoba abalisizi iqembu.

“Bebesindeke nje, bebekhathele… Ngisale ngizibuza ukuthi engabe kwenzakalani ngabo.

“Kodwa lezi yizinto ngokusobala ezivelayo uma ungenabo abaqeqeshi – uba neqembu elinjeyana.”

Njengoba uZitha Kwinika emisiwe, cishe uMcCarthy uzobuyela endaweni yakhe maphakathi nendawo emuva. 

IChiefs izogadulisana neRichards Bay FC eMhlathuze Stadium ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.