
Kusolwa uMaMkhize ngokuphendula abeRoyal AM inhlekisa
Umphathi we-Royal AM, uShauwn “uMaMkhize” Mkhize usegxekwe kakhulu kulandela isicelo sakhe sakamuva senkantolo.
I-Footballers Union of South Africa (Fusa) imgxeke kakhulu uMaMkhize ngokudalula amaholo abadlali bakhe emaphepheni awafake enkantolo.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi iRoyal AM ixoshwe kwiNational Soccer League (NSL) ngenxa yokwehluleka ukuqedela imidlalo yayo ngenxa yezinselelo zemali.
Ezama ukulwa nalokhu ngokomthetho, uMaMkhize kubikwa ukuthi ubhale amaholo omdlali ngamunye we-Royal AM, okuyisinyathelo iFusa ekholwa ukuthi singalimaza ikusasa labo.
“Akulungile ukuveza amaholo abadlali, ikakhulukazi uma abanye manje bengasebenzi ndawo futhi bethungatha imisebenzi,” kusho uTaelo “Salter” Motloung weFusa kwiKickOff.
“Ukuveza imiholo kungase kuthuse amakilabhu abecabanga ukubathatah, acabange ukuthi le mali abeyihola inkulu kakhulu.”
IFusa ithi ngaphandle kokuthi kubekwe isikalo samaholo ebholeni lakuleli, lolu hlobo lokudalulelwa komphakathi amaholo abadlali luyingozi.
UMotloung uthe ukube ibhola laseNingizimu Afrika linayo imigomo nesikalo samaholo bekuzoba ngenye indaba.
“Kumaligi aphesheya kwezilwandle, amaholo adalulwa esidlangalaleni ngoba kukhona isikalo,” kuchaza uMotloung.
“Kodwa lapha, uma umdlali ehola u-R3 500 nje ngenyanga, lokho hhayi ukuthi akwamukelekile nje kuphela kodwa kunensila yokugqilaza phakathi.”
UMotloung uthe iholo eliphansi kangaka ligqamisa isidingo sokulawulwa kwamahholo abadlali kuleli.
Ugcizelele ukuthi abadlali kufanele kube yibona abazodalulela imali abayiholayo — hhayi abaphathi bamakilabhu.
“UMaMkhize wenze abadlali bakhe inhlekisa. Uzuzani ngokuvezela umphakathi imali eholwa abadlali esidlangalaleni kanje?” kubuza yena.
I-Fusa iyakweseka ukudalulwa kwamaholo abadlali kodwa igcizelela ukuthi kufanele kwenziwe ngendlela efanele nangemvume yomdlali.
Uthe ngaphandle kokuthi kube nesikalo esaziwayo nesisemthethweni samaholo, ukumemezela amaholo kuvulela abadlali ukuthi bagconwe.
Ukuxoshwa kweRoyal AM kusho ukuthi iBetway Premiership izoqhubeka namaqembu angu-15 kule sizini.
Iqembu elizoqeda endaweni ka-15 lizodlala kweykuhlunga namaqembu amabili aphuma kwiMotsepe Foundation Championship.
