
Nasreddine Nabi: Ngizohamba kwiKaizer Chiefs uma…
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, ugcizelela ukuthi akayizwa yena le ngcindezi okuthiwa ukuyo.
Uveze ukuthi uzoshiya ngaphandle kwenkinga yena kuleli qembu ekupheleni kwesizini uma abaphathi baMakhosi befuna enze lokho.
UNasreddine Nabi uya emdlalweni owandulela owamanqamu kwiNedbank Cup la iKaizer Chiefs izobhekana neMamelodi Sundowns ngeSonto eLoftus Stadium ebhekwe ngabomvu.
Izingqapheli nabalandeli nokufanayo bayazibuza ukuthi lo mqeqeshi waseTunisia kufanele yini ahlale.
Lokhu kungemuva kwesizini yakhe yokuqala engakhombisana shintsho olutheni eqenjini.
Njengamanje iChiefs isendaweni yesishiyagalombili kwiBetway Premiership.
Nokho kunethemba lokuthi ingaligeza igama ngokunqoba indebe uma ingagcina iyinqobile iNedbank Cup.
Kodwa ukwenza lokho kuzomele ikhiphe iSundowns ezobhekana nayo ngeSonto, bese ishaya iMarumo Gallants noma i-Orlando Pirates kowamanqamu.
“Inkontileka yami ingeyamasizini amabili lapha. Kodwa akukona okwami ukunquma,” kusho uNabi lapho ebuzwa ngekusasa lakhe.
“Mina ngibuka isimo ngokuthi siwuhlelo, nina nikubuka ngokwemiphumela. Uma kunjalo, ngeke size sibone ngasolinye.
“Kufana nengxono phakathi kwabantu omunye ekhuluma isiFrench, omunye ekhuluma isiNgisi.
“Ngalokho angisho ukuthi ungifanele lo msebenzi. Ibhodi (elengamele ikilabhu) lihlaziya zonke izimo.
“Liba khona kuyo yonke imihlangano, libuka umdlalo nomdlalo, liyazi ukuthi senzani.
“Uma ke lithi angikufanele ukuhlala, ngizohamba. Uma lithi ngifanelwe ukuhlala, ngizohlala.
“Ngiyasebenza, nginenkontileka, ngiyalwethemaba uhlelo lwami,” kusho uNasreddine Nabi ngokuzethemba.
UNabi uphinde waveza ukuthi yena akayazi lento yengcindezi okulokhu kuthiwa iyamesinda.
Phela kunenkolelo yokuthi ikusasa lakhe lincike ekutheni iqembu lenze kahle emdlalweni wangeSonto.
“Uthe kunengcindezi kimina uma sihlulwa (yiSundowns)… ayikho ingcindezi.
“Unyaka wokuqala wohlelo lwethu lona. Sizozama ukunqoba indebe, ukwenzela abalandeli nebhodi.
“Kodwa akukho ngcindezi. Sixoxisene nebhodi ukuthi sidinga iminyaka emibili noma emithathu ukwakha iqembu elizolwela isicoco sezwekazi neseligi.”
