
Unina kaMofokeng uveza lapho afisa adlale khona
Umama womdlali we-Orlando Pirates u-Relebohile Mofokeng, uNaome Mofokeng, useveze ukuthi ufisa ukubona indodana yakhe ithuthela phesheya kwezilwandle.
Kuvele abantu abaningi bakholwa ukuthi isikhathi sayo sokudlala ngaphandle kweNingizimu Afrika sesifikile.
Ekhuluma kuRadio 2000, uNaome uthe akuyena yedwa ophupha ngokubona uMofokeng edlala ephesheya, kodwa yinto efiswa nangabalandeli.
“Amaphupho enginawo ngaye ayefana nalawo abanawo abanye abantu abaningi ngaye,” kusho uNaome.
“Sinethemba lokuthi uzoya phesheya. Wonke umuntu ufuna ukudlala phesheya.
“Ngeke waneliseke ngokudlalela i-Orlando Pirates kuphela. Baningi abantu abathandazayo ukuthi kule sizini ahambe.”
Lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala uqhubekile nokugqama, okumenze waheha amehlo amaqembu aseYurophu.
UNaome uphinde waxoxa ngobunzima ayebhekana nabo ngesikhathi indodana yakhe okuwukuphela kwayo iqala ukushiya ikhaya iyohlala esikoleni sezemidlalo.
“Abantu babebuza ukuthi uzokwazi kanjani ukujwayela ukuhlala esikoleni kude nami ngoba ngangihlala ngikhona kuye.
“Ngisho ngesikhathi esadlalela amajuniya ngaphambi kokuyofunda eSchool Of Excellence, ngangihlala ngimlandela yonke indawo,” kusho yena.
- FUNDA NALA | IGallants iqede ukuqagela iqoka umqeqeshi
Uveze ukuthi uthando luka-Relebohile Mofokeng lwebhola lwaqala esemncane kakhulu.
“URele uthanda ibhola. Eseyingane wayechitha usuku lonke ngaphandle edlala ibhola, abuye ekhaya sekushone ilanga,” kuchaza umama wakhe.

- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
