
IGallants isiqede ukuqagela iqinisekisa umqeqeshi
IMarumo Gallants isimemezele ngokusemthethweni umqeqeshi wayo omusha ozoyihola ngesizini ezayo.
Iqinisekise ukuthi uPhuti Mohafe nguye ozocija leli qembu laseFree State ngesizini ka-2026/27 yeBetway Premiership.
UMohafe ujoyina leli qembu esuka kwiPolokwane City, lapho ebengumqeqeshi futhi edlale indima enkulu ekujikeni izinto.
Esitatimendeni sayo, i-Marumo Gallants iveze ukuthi ikholwa ukuthi uMohafe nguyena umuntu ofanele ukuhola iqembu esigabeni esisha.
“UMohafe ujoyina iMarumo Gallants esuka kwiPolokwane City FC,” kusho isitatimende.
“Ubengumqeqeshi omkhulu futhi wabamba iqhaza elikhulu entuthukweni yeqembu nasekudlaleni kwalo ngokuncintisana kwiPremier Soccer League.”
IGallants iphinde yancoma ulwazi namava kaMohafe ebholeni laseNingizimu Afrika.
“Uhlonishwa kakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika,” kuqhuba isitatimende.
“Ufika nolwazi olunzulu lokuqeqesha, ubuholi obuqinile nokuqonda okujulile ngesimo sebhola lakuleli.”
Iqembu lithi ukuqokwa kwakhe kuphawula ukuqala kwesahluko esisha njengoba liqhubeka nokukhulisa izifiso zalo.
“Iqembu likholwa ukuthi ukuqokwa kukaMohafe kuphawula ukuqala kwesahluko esijabulisayo kwiMarumo Gallants njengoba iqhubeka nokukhulisa izifiso zayo ngaphakathi nangaphandle kwenkundla.”
I-Marumo Gallants iphinde yaveza ukuthi ulwazi lukaMohafe nokusebenza kahle kwakhe nabadlali beminyaka ehlukene kumenza afaneleke ukuhola iqembu.
Iqembu lithi lizosebenzisana naye ukuze aqale umsebenzi wakhe ngendlela efanele njengoba kuqhubeka amalungiselelo esizini entsha.
“UMohafe uzothola ukwesekwa okuphelele kubaphathi beqembu ukuze kube noguquko olubushelelezi eqenjini njengoba kuqhubeka amalungiselelo esizini ezayo.”
- FUNDA NALA | UBroos uveza akusaba kwiSouth Korea
Esiphethweni sesitatimende, i-Marumo Gallants yamukele uMohafe ngokusemthethweni.
“Iqembu lifisa ukwamukela uPhuti Mohafe emndenini weMarumo Gallants futhi limfisela impumelelo enkulu esikhundleni sakhe esisha.”
UMohafe manje uzobhekana nomsebenzi wokuhola iGallants emkhankasweni omusha, njengoba iqembu lifuna ukuba ngelinye lancintisana kakhulu kwiBetway Premiership.

- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
