
UTso uhlonza abadlali abane abadingwa yiChiefs
Owayengumdlali webhola odumile kuleli, uBenedict “Tso” Vilakazi ukholwa ukuthi iKaizer Chiefs kufanele ilande abadlali abane ukuqinisa iqembu layo.
Ekhuluma kwi-iDiski TV, uTso uphakamise ukuthi iChiefs isayinise unozinti u-Elvis Chipezeze weMagesi FC nezihlabani ezintathu zeStellenbosch FC.
UChipezeze, ongukaputeni weMagesi ukhombise amava akhe esiza leli qembu ngesikhathi liqopha umlando ngokunqoba iCarling Knockout Cup.
Manje uVilakazi umbona engaba yisisombululo senkinga yonozinti ebhekene naMakhosi.
IChiefs ayikabi naye unozinti oyisethenjwa kule sizini njengoba emidlalweni engu-11 yeligi usewodwa engangenelwanga goli kuwo.
“Ukube yimi engiphethe, bengizothola uChipezeze,” kusho uTso esiqephini sallei sonto.
“Ukhombisile ukuthi uyakwazi ukusindisa iqembu ezimweni ezinzima, futhi uma elekelelwa wudonga lwasemuva oluqinile, engaphumelela kwiChiefs.”
KwiStellenbosch, uTso uncome ukusayinwa komdlali wasemuva u-Ismael Traore, umdlali wasesiswini uSihle Nduli, nomdlali oqala iminyakazo yokuhlasela uJayden Adams.
Uncome izinga labo, wengeza ngokuthi bangawuqinisa umgogodla weChiefs.
IChiefs isendaweni yesikhombisa kwiBetway Premiership ngamaphuzu angu-15 ngemuva kwemidlalo engu-11.
Kubukeka izimisele ngokwakha kabusha ngemuva kweminyaka ecishe ibe yishumi ingenazo iyizwa ngendala indebe.
“Ngeke ngifune ukuthatha bonke abadlali bakaSteve Barker ngoba cha yena unabadlali abasezingeni eliphezulu impela.
“Kodwa uTraore ngingamthatha, bese maphakathi nenkundla kube uNduli no-Adams kanti kubagadli sengingabona ekupheleni kwesizini.
“Ngiyaxolisa kumqeqeshi uSteve Barker, ngimthanda kakhulu, futhi unabadlali abahle.
“Ngakho iqembu elikhulu njengeKaizer Chiefs kumele liye lapho liyolanda khona abadlali…
“Badinga ukuqinisa umgogodla wabo futhi bathole unozinti, umuntu ofana noChipezeze.”
