AmaZuluEzintsha

UNgwenya uveza iseluleko sikaBilliat esayina kuMaZulu

Umgadli oshisa izikhotha waMaZulu FC, u-Thandolwenkosi Ngwenya, useveze ukuthi wathola izeluleko ezibalulekile kwingwazi yangakubo u-Khama Billiat.

Lo mdlali oneminyaka engu‑23 ubudala,ujoyine Usuthu ngoJulayi 2025 esuka kwiFC Platinum eZimbabwe.

Uqale ngesivinini esikhulu ku‑2026/27. Useshaye amagoli ayisithupha emidlalweni emihlanu kuphela. 

Kula magoli kubalwa amabili awashaya bebhekene neMamelodi Sundowns, okumenze wathola umklomelo woMdlali weNyanga weBetway Premiership ngo‑Agasti.

U-Thandolwenkosi Ngwenya uveze ukuthi u-Khama Billiat, ongomunye wabadlali abakhulu emlandweni wePSL, wamkhuthaza ukuthi ahlale ezimisele.

Wathi kumele ajwayele ijubane labadlali baseNingizimu Afrika, futhi agxile ekuzinzeni kahle ukuze akhule.

“Ngijabule ngoba omunye wabadlali engibukela kubo nguKhama Billiat. Ngakho-ke ngiyajabula. 

“Njalo uma ngikhuluma naye, uyangitshela ukuthi ngihlale ngiqinile,” kusho uNgwenya.

Ngokugqama kwakhe, uNgwenya thi ulandela ezinyathelweni zabagadli abakhulu baseZimbabwe abake bagqama kwiPSL.

Kuno kuhlanganisa uPeter Ndlovu, uKnowledge Musona, uGilbert Mushangazhike, naye uBilliat uqobo.

Ukuzinza kwakhe nokubamba umgqigqo sekumenze waba yingxenye yengxoxo yeGolden Boot, umklomelo owathathwa nguJunior Dion weGolden Arrows ngesizini edlule ngamagoli angu‑14.

Manje, umsebenzi omkhulu kuNgwenya nozakwabo kuMaZulu wukugcina umfutho wabo kwiligi. 

Umdlalo olandelayo Usuthu luzobhekana kuwo neMarumo Gallants kwiBetway Premiership ngoMgqibelo, ePrincess Magogo Stadium eThekwini.