EzintshaOrlando Pirates

Ingwazi ibhola okubambezele uKarim Kimvuidi kwiPirates

Kodwa selokhu ajoyina i-Orlando Pirates ngo-2023, lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala wehlulekile ukufeza obekulindeleke kuye.

Usadlale imidlalo engu-26 kuphela washaya amagoli amabili — kanti namanje usalithola amacozuzocu ijezi.

Manje owayengumgadli wePirates uKatlego “Mahoota” Mashego useveze ukuthi akholwa ukuthi yikho okuyinkinga ngoKimvuidi. 

“Ukhombise ukuba ngumdlali omuhle kwiMaritzburg United (osekuyiDurban City manje),” kusho uMashego kwiKickOff.com.

“Kodwa ukuthuthela ekilabhini enkulu kusho ukuthi kufanele ujwayele ngokushesha ukuze ukwazi ukulwela indawo yakho.”

UMashego uthi i-Orlando Pirates ibingeke imgcine isikhathi eside uKarim Kimvuidi ukube ayiliboni ikhono kuye.

“Udinga ukuphusha kakhulu,” kwengeza yena. “Bamsayinise ngesizathu esithile — unekhono elihle kakhulu.”

Inselelo enkulu, ngokusho kukaMashego, ukuthola indawo okufanele adlale kuyo uKimvuidi, obizwa ngelikaVududu ngabalandeli.

“Njengomdlali onekhono lomjiko, unamandla okwenza okumngalindelekile, kodwa kunzima ukusho ukuthi angadlala kuphi kangcono,” kusho uMahoota.

Uveze ukungaqiniseki ngokuthi uKimvuidi kufanele adlale njengoNombolo-10, elandela abagadli noma ophikweni.

“Yilokho okuwubunzima ngaye. Abaqeqeshi kungenzeka abazi ukuthi bangamsebenzisa kanjani ngendlela efanele,” kuqhuba yena.

UMashego wengeze okukhathazayo wukuthi ngokuthi ngemuva kwamasizini acishe abe mabili, uKimvuidi akakabi ngumdlali odlala njalo.

“Akanayo indawo aseyenze eyakhe njengamanje. Ngakho-ke ikilabhu kufanele inqume: iyamgcina, iyambolekisa, noma atholelwe indima yakhe eqenjini.”

Ikusasa lalo mdlali wasesiswini odabuka eCongo manje lincike ekutheni iPirates izomisa kanjani ngaye ukuya phambili.

UMashego uphethe ngokuthi kumele kodwa kube nesinqumo esiphumayo ngaye. 

“Kufanele bahlole ukuthi ungumdlali weqembu obalulekile noma uma abolekiswe ukuze ayobuyisa amandla.”