
UMbatha uphawula ngokumataniswa nelase-England
- Alfred NGUBANE
Umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates, uThalente Mbatha, usephawule ngamahlebezi amkhomba eqinjini eligijima kwi-English Championship, iCardiff City.
Imibiko iveza ukuthi abahlwayi bethalente beCardiff bahlabeke umxhwele ngendlela uMbatha adlale ngayo ngesikhathi iPirates ekhempini yokulungiselela isizini eSpain.
IPirates yadlala umdlalo wokuzwana amandla naleli qembu elizijwa uWayne Rooney kulolu hamnbo lwayo.
UMbatha wenza kahle ngendlela emangazayo kusukela ejoyine iPirates ekuqaleni konyaka.
Ukhombise ukukhula futhi intshisekelo yeCardiff ayimangazi nakancane uma ubheka ithalente alibonisile.
Lo mdlali oneminyaka engu-24 nokho uyakugcizelela ukuthi yena umqondo wakhe usagxile ekilabhini yakhe yamanje.
“Cha, bengingazi ngentshisekelo yeCardiff,” kusho uMbatha. “Kodwa mina veele ngigxile kwiPirates.
“Ngisanda kuthola inkontileka lapha, ngakho konke engikwenzayo ngikwenzela iPirates. Yiyona ezonquma ukuthi kwenzekani ngokuzayo.”
UMbatha, odabuka KwaMashu eThekwini, ubizwe okokuqala eqenjini leBafana.
Ekhuluma ngale mpumelelo, ukuchaze njengokufezeka kwephupho.
Uthemba ukuthi uhambo lwakhe luzogqugquzela abafana namantombazane asemancane asemalokishini nasezindaweni zasemakhaya.
“Nginenhlanhla yokuba lapha; iphupho lami lifezekile, futhi ngithanda ukubonga uNkulunkulu ngalokho,” kusho yena.
“Engingakusho ukuthi ukusebenza kanzima kuyalidlula ithalente.
“Uma usebenza kanzima, nakanjani kuzoba nezithelo.”
UMbatha ugcizelele ukubaluleka kokuhlanganisa ithalente nokusebenza ngokuzikhandla.
Lokhu ukholwa wukuthi yikhona okuwukhiye wempumelelo.
Lo mdlali wasesiswini uphinde wakhuluma ngamava akhe emiqhudelwaneni yamazwekazi.
Usanda kudlala okokuqala kwiCaf Champions League nePirates kanti uke wadlala kuCaf Confederation Cup neSuperSport United.
“Kungisize kakhulu ngoba ngathola ukuzwa elinye izinga lebhola,” kusho uMbatha. “IChampions League akusona isiteji esilula ukudlala kuso.
“Yilapho engathola khona isipiliyoni nokufunda kabanzi ngebhola.
“Ngicabanga ukuthi yilapho okufanele ngiziphushe khona futhi ngibone ukuthi kuseyisiqalo.”
