Ezintsha

UNeo Maema ucacisa ‘eyokushiywa dengwane’ uFadlu Davids

UMaema ubengasitholi isikhathi esanele sokudlala eqenjini lakhe iMamelodi Sundowns, kanti uDavids wabe esecela ukubolekwa yena. 

Lokhu kwenzeke ekuqaleni kwale sizini ngesikhathi uDavids engumqeqeshi kuleli qembu laseTanzania.

Kodwa kuthe besazinza kulezi qembu labo elisha, uDavids wabe esethola omunye umsebenzi okube nzima ukuthi engawunqaba. 

Ube esethuthela eMorocco lapho esephethe khona iqembu elikhulu kunawo wonke kuleliya zwe, iRaja Casablanca.

Ukuhamba kukaFadlu Davids kushiye uNeo Maema dengwane, kodwa lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala udalule ukuthi uyakuqonda ukushiywa kwakhe.

“Empeleni, wasibiza wasitshela,” kusho uMaema. “SasiseGaborone ngesikhathi esibiza wathi, ‘niyazi ukuthini…’ 

“Wabe esesitshela ukuthi kunezinto okwakudingeka azixazulule ngasohlangothini lwakhe nokuthi uyaxolisa kakhulu ngokusiletha lapha bese yena eyahamba.”

UNeo Maema uthi ngesikhathi uFadlu Davids enza lesi simemezelo, kwaba lula kuyena ukuthi asiqonde njengoba elwazi uhambo lwakhe njengomqeqeshi. 

“Ngaqonda ngoba, uma ngingenzi iphutha, futhi uzongixolela uma ngiphambuka,” kwengeza lo mdlali owaqala ukuzakhela igama kwiBloemfontein Celtic, 

“Ngicabanga ukuthi ingxenye enkulu yomsebenzi wakhe, ikakhulukazi esekwi-Orlando Pirates, ubeyiphini lomqeqeshi.

“Ngikholwa ukuthi naye ufuna ukuzakhela igama futhi akhule njengomqeqeshi oyinhloko yingakho ngasiqonda isinqumo sakhe.”