EzintshaMamelodi Sundowns

Akuphiliswene kwiDowns: UCardoso noBerg yinkukhu nempaka

IMamelodi Sundowns ayikho ezingeni elilindelwe kuyo kule sizini futhi isivele ikhishwe emiqhudelwaneni emibili yezindebe.

Ikhishwe yi-Orlando Pirates kwiMTN8, yabe seyiwashiswa ijezi yiMarumo Gallants kwiCarling Knockout Cup muva nje. 

Futhi nakuba iqhwakele kwilogi kwiBetway Premiership, indlela edlala ngayo ayigculisi futhi abanye abalandeli sebevele baqalile ukufuna kuxoshwe uMiguel Cardoso. 

Umthombo osondelene naleli qembu udalule ukuthi izinto azihambi kahle njengoba uCardoso noBerg bedonsisana okwenza isimo sibe muncu. 

“Kukhona ukuhlukana okukhulu. Omunye udonsa aye le, kanti omunye naye udonsa abheke le,” kusho umthombo. 

“Yingakho ngisho nabadlali abasha abasayiniwe befike sekwephuze kangaka kulokhu. UBerg ubengekho nkamunkamu ngabadlali uCardoso abebafuna.” 

ISundowns isayine abadlali abambalwa kuphela futhi bafike sekwephuzile isizini seyiqalile. 

Umthombo uphinde waveza ukuthi abanye babadlali abaseqenjini njengamanje begxuma bahlale uma kungavela ithuba lokufudukela kwamanye amaqembu.

“Ukungaboni ngaso linye ezingeni lokuphathwa kweqembu kukapakela nakubadlali bese kwenza isimo sibe muncu eqenjini,” kwengeza umthombo.