
UNduli ubonge uMdali esiza iStellies kwiMTN8
- Sibongiseni Gumbi
Umdlali wasesiswini weStellenbosch FC, uSihle Nduli udlale ibhola elinenkosi phakathi esiza leli qembu lidlulele emzuliswaneni wemidlalo eyandulela owamanqamu kwiMTN8.
UNduli nguye oqokwe wabangumdlali ovelele kulo mdlalo obuseDanie Craven Stadium ngeSonto ntambama.
“Ngizothanda ukuqala ngokubonga uNkulunkulu ngethuba asiphe lona lokuzodlala lo mdlalo namuhla,” kusho uNduli.
“Umdlalo bewunzima kodwa besifuna ukudlulela emdlalweni owandulela owamanqamu ukuze sibe nethuba lokuphinde singene kowamanqamu.
“Ukuthola lo mklomelo kuyangijabulisa kakhulu ngoba angiqalanga kahle ngesikhathi silungiselela isizini ngoba ngilimalile.
“Ukuthola lo mklomelo kuzongigqugquzela ukuthi ngisebenze kakhulu. Kuyangijabulisa kakhulu,” kuqhuba uNduli.
Kube yiGalaxy elishaya kuqala igoli kulo mdlalo, uKamogelo Sebelebele eputshuka kalula kubadlali beStellies, wabe esededela ishodi engaphakathi ebhokisini, lakhala enethini.
Bekungumzuzu ka-18 kungena leli goli. Nokho iStellies isheshe yazibuyisa izinduku njengoba ngomzuzu ka-25 uDevi Titus eshaye elokulinganisa.
Kuyiwe ekhefini seyihamba phambili iStellies kulandela ukuthi u-Andre De Jongh eshaye igoli ngomzuzu ka-41.
UFawaaz Basadien ushayele isipikili sokugcina ngomzuzu ka-57 ngegoli elenze kwaba u 3-1, lacacisa ukuthi indlela iyaphela la kwiGalaxy.
OLUNYE UDABA: USam uphawula ‘ngokuqopha umlando’ ejoyina iChiefs
IGalaxy iqede umdlalo ingasaphelele kulandela ukuthi uSiphiwe Mahlangu ekhishwe ngekhadi elibomvu kulandela ukuthola ikhadi lesibili eliphuzi.
