AmaZuluEzintsha

UBen Motswari usevuke ngelisha kwiBetway Prem

Sekuvele ukuthi iqembu elisanda kukhushulelwa kulesi sigaba i-Orbit College yilo eselisayine lo mdlali ongumakadebona.

I-iDiski Times ibika ukuthi i-Orbit iqedele ukusayinwa kukaMotshwari mahhala kuleli sonto. 

UBen Motswari udedelwe AmaZulu emasontweni ambalwa edlule ngemuva kokuhlala iminyaka ecela kwemithathu kuleli qembu elizinze eThekwini.

Lo mdlali oneminyaka engu-34 ubudala ujoyina uzakwabo abenayo Osuthwini uRamahlwe Mphahlele osanda kujoyina iMswenko Boys. 

UMotshwari, nokho, uzoze akwazi ukudlala kwi-Orbit ngoJanuwari njengoba ededelwe selivaliwe iwindi lokudayiselana ngabadlali. 

Lokhu kusho ukuthi lo mdlali pdabula eMohlakeng angabhaliswa kuphela uma iwindi selivuliwe futhi ngoJanuwari.

UBen Motshwari uzofika namava amaningi kwiMswenko Boys ngemuva kokudlala imidlalo engaphezu kuka-200 esigabeni esiphezulu sebhola kuleli.

Uphinde abe nezindondo ezimbalwa okukhona kuzo eseligi asinqoba neBidvest Wits nezinye azithole ne-Orlando Pirates.

Njengamanje i-Orbit ihlezi endaweni ka-13 kwilogi ngamaphuzu angu-13 ngemuva kwemidlalo engu-12. 

Isisele ngemidlalo emithathu ngaphambi kokuthi iye ekhefini elide le-Africa Cup of Nations elizoqala ngoDisemba.