
Kungani iGolden Arrows ijeziswe yiFifa
Sekuvele isizathu sokuthi iGolden Arrows ishaywe ngesigwebo ezinzima yiFifa sokungasayini abadlali amawindi amathathu kulandelana.
Lesi sijeziso silandela ukwehluleka kwayo ukukhokhela obengumgadli wayo isikhathi eside uKnox Mutizwa izimfanelo zakhe.
Lesi sigwebo sivimbela iGolden Arrows ekubhaliseni noma yibaphi abadlali abasha, basekhaya noma bakwamanye amazwe.
Lokhu kuzokwenzeka kuze kube yilapho seyikhokhele lo mdlali wayo wakudala imali emkweleta yona – ngale kwalokho kuzoba amawindi amathathu okudayiselana ngabadlali.
IFifa ikuqinisekisile ukuqaliswa kwalesi sigwebo ngokushesha, yathi ukuvinjelwa kuzosebenza kuze kube isikweletu sesikhokhiwe.
“Mayelana nalokhu, sifisa ukwazisa amaqembu ukuthi ukuvinjelwa kokubhalisa abadlali abasha emazweni ngamazwe nakuzwelonke kumele okukhishwe yiFifa kubheke kummangalelwa (iGolden Arrows),” sifundeka kanje isitatimende.
“Ukuvinjelwa kokubhalisa kuzohlala kusebenza kuze kukhokhwe inani elifunekayo noma kuphele isikhathi esingamawindi amathathu okudayiselana ngabadlali alandelanayo.”
Le nhlangano eyengamele ibhola emhlabeni wonke igunyaze iSouth African Football Association (Safa) ukuthi iqinisekise ukuthi lesi sigwebo siyalandelwa.
UMutizwa, ozakhele igama kuBafana Bes’thende, ushiye leli qembu ngaphambi kokuphela kwesizini edlule.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi le kilabhu imxoshile ngezinsolo zokungaziphathi kahle kodwa ayizange ikhiphe isitatimende esisemthethweni sokuqinisekisa lokhu.
FUNDA NALA | Owodumo kwiBucs uqashwe elase-Algeria
Ngemuva kokuhamba kwakhe uMutizwa usayine neRichards Bay ngoSepthemba kanti usephenduke isethenjwa kuleli qembu.
Ukuze kususwe lolu nswinyo olunzima, iGolden Arrows kumele ikhokhele uMutizwa ngokushesha futhi inikezele ubufakazi balokho kwiFifa.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
