
U-Andile Mpisane ezinsolweni zokushaya owesifazane
Owayengumdlali nosihlalo weqembu lePSL u-Andile Mpisane usenikeze usaziwayo wasezinkundleni zokuxhumana u-Inno Morolong amahora angu-24 ukuthi axolise.
Ufuna nokuthi le ntokazi ihoxise izinsolo ezenzile zokuthi uyifake isibhaxu esibi besendaweni yobumnandi eSandton ngasekuqaleni kwaleli sonto.
Umnqamulajuqu, owethulwe yithimba labameli baka-Andile Mpisane, ulandela okushiwo ku-Instagram kaMorolong.
Nokho le ntokazi isibuye yakususa lokhu ebikushicilele ngalezi zinsolo zokuthi ithole isibhaxu esibi eBooth Nightclub.
UMorolong wathi lesi sigameko sisukela ekuxabaneni kwabo, ethi uMpisane wathuka unina ongasekho, asanda kumngcwaba ngemuva kokuxinwa wumdlavuza.
“Ngashaywa ngaze nganaba… Bese nfisabela impilo yami ngibona ukufa sekungificile,” kuthiwa usho kanjeuMorolong.
Uqhube wathi u-Andile Mpisane nethimba lakhe yibona ababembhonya sengathi bashaya uPhara abalibambe lintshontsha.
Icala lokushaya livuliwe esiteshini samaphoyisa eSandton, futhi iziphathimandla ziqinisekisile ukuthi uphenyo luyaqhubeka.
Nokho uMpisane uziphikile kakhulu lezi zinsolo, waziqhelelanisa nanoma yikuphi ukuxabana nokushaya.
Ngokusho kommeli wakhe, le nsizwa eneminyaka engu-25 ubudala eyindodana kasomabhizinisi uShauwn Mkhize beyiyisivakashi esikhethekile kule ndawo.
LO mmeli uqhube wathi uma kukhona owashaywa lokho kwenziwa abaphethe ezokuphepha kule ndawo yokuzijuxuza.
“Iklayenti lethu alizange lihileleke kunoma yikuphi ukuhlasela. Lezi zinsolo zingamanga futhi ziyahlambalaza,” kusho ithimba lakhe lezomthetho.
Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka, futhi azikho izithombe ze-CCTV ezisakhishiwe — izithombe uMorolong agcizelela ukuthi zizokweseka izinsolo zakhe.
