EzintshaOrlando Pirates

Ukhala ngokuqolwa usisi wakhe u-Edwin Gymah wodumo kwiBucs

U-Edwin Gymah – owayengumdlali wasemuva eqenjini lesizwe eGhana ne-Orlando Pirates – usebhoboke ngezinkinga ezishaqisayo abhekene nazo.

Lo mdlali wasemuva, owaziwa ngokujabulela amagoli ngendlela engajwayelekile, udalule ukuthi umndeni wakhe waba nesandla ekuweni kwakhe.

Ekhuluma kwi-Oyerepa Afutuo Radio yangakubo eGhana, uGymah uchaze kabanzi ngokuthi impilo yakhe yajika kanjani.

Uthi izinto zaqala ukumbhimbela ngemuva kokuxabana nowayeyimenenja yakhe.

Usola le menenja yakhe ngokuthunaza isithunzi sakhe esidlangalaleni okwaphazamisa amathuba akhe okuthola amakilabhu azowadlalela.

“Ngesikhathi somsebenzi wami, ngadela konke ukusiza umndeni wami, ikakhulukazi umama nezingane zakwethu. 

“Kodwa ngemuva kokuxabana nemenenja yami, yonke into yashintsha,” kusho uGymah. 

Ngokusho kwakhe, isimo sabe sesidlulela nangale kwebhola, saphazamisa nempilo yakhe uqobo.

“Ubudlelwano bami baphazamiseka. Abaphathi bami, abangani, ozakwethu — ngisho nomndeni wami — bangifulathele. Imboni yebhola iyonke ingilahlile,” kwengeza yena.

U-Edwin Gymah uveze ukuthi yize bekunentshisekelo enkulu ngaye, kugcine kuphelela emoyeni konke.

Lo mdlali oneminyaka engu-35 ubudala usole udadewabo ngokumqola umuzi wakhe ngesikhathi yena esadlala phesheya.

“Ngenkathi ngiseNingizimu Afrika, udadewethu wangicela ukuthi ngidlulisele ubunikazi bendlu yami kuye ngo-GHS25 000 (cishe u-R37 000), kamuva wayinyusela ku-GHS50 000 (cishe u-R75 000). 

“Lapho ngibuyela eGhana, ngathola ukuthi indlu yami isithathiwe, akuseyona eyami” kuchaza uGymah.

Lesi simo kubikwa ukuthi sishiye u-Edwin Gymah nomndeni wakhe besesimweni esibi njengoba bengenayo ngisho indawo yokuhlala.

“Namuhla, yimi, umkami nezingane zethu asinayo indawo yokuhlala — sihamba sicushiswa ezindaweni ezehlukene,” kuqhuba yena.

UGymah ugcine ukudlala kuleli ubesemabhukwini eSekhukhune United ashiye kuyo ekupheleni kwesizini ka-2023/24.