EzintshaKaizer Chiefs

Uncome ubumbano kwiChiefs u-Ox bevova iDowns

Futhi lo mdlali ucishe watholela neqembu lakhe iKaizer Chiefs igoli lokuwina, nokho wafica uRonwen Williams engasinisi mahleza. 

UMthethwa nguye oqokwe waba nguMadli oVelele ngesikhathi lamaqembu ebambana ngo 0-0 emdlalweni weBetway Premiership obuseFNB Stadium ngoLwesithathu. 

Ekhuluma ngemuva komdlalo, u-Ox uthe le ndondo ayinqobile akuyona eyakhe yedwa kodwa ngeyeqembu ngoba basebenza ngokubambisana. 

“Ngizoqala ngokubonga ukwesekwa yiwo wonke umuntu okhona kwiKaizer Chiefs,” kusho uMthethwa. 

“Lokhu akusikhona okwami ngedwa, okweqembu lilonke. Uma kudlale mina kahle ngavelela kusho iqembu lonke belidlala kahle.”

UMthethwa uke wakhahlelela ipali futhi wacishe waziphula izinhliziyo zabeSundowns – esiwombeni sokuqala, nangasekupheleni kwesesibili. 

Nokho kuyo yomibili imizamo yakhe uWilliams ukwazile ukuwavimba amabhola akhe.  

“Nanokuthi ngike ngicishe ngalishaya igoli… Ngizame ngakho konke okusemandleni ukuthi ngilishaye kodwa akuzange kwenzeke. 

“Okusho ukuthi bekungelona usuku lwethu namuhla. Kodwa ke ngeke size sikubalekele ukuthi iphuzu libaluleke kunayo yonke into.” 

Leli phuzu eliphume neChiefs liqinisekise ukuthi isahlezi endaweni yesibili ngemuva kweSekhukhune United ebambane ngo 1-1 naMaZulu FC ngawo uLwesithathu ebusuku.

Komunye umdlalo, iGolden Arrows ishaye iMagesi FC ngo 2-1.