
UNcikazi nesexwayiso kwiPirates ngeMagesi, uFreese uthi bazolwa
UMandla Ncikazi ugcizelela ukuthi i-Orlando Pirates ngeke ikwazi ukulahla umzila njengoba umjaho wesicoco seBetway Premiership ususesimweni esibucayi.
AmaBhakabhaka ajaha isicoco sokuqala seligi eminyakeni engu-14 kanti yonke imidlalo esele ifana nowamanqamu.
Ngaphambi komdlalo we-Orlando Pirates neMagesi FC esengozini yokugawulwa yizembe, uNcikazi uvumile ukuthi ingcindezi iyakhula kuwo wonke amaqembu kwigi.
“Kuyisikhathi sesizini lapho wonke amaphuzu abalulekile,” kusho uNcikazi.
“Amaqembu afuna amaphuzu ngezizathu ezahlukene. Esibhekene nabo basesimweni esifanayo.”
Njengoba iPirates ilwela isicoco, iMagesi ilwela ukuvika izembe.
UNcikazi uthi i-Orlando Pirates kumele ihlale izolile, izigade futhi ithembe uhlelo lwayo uma ifuna ukuqhubeka nokubanga isicoco.
“Kufanele sigxile enqubweni yethu, sihlaziye, siqondiswe ngobuhlakani emdlalweni,” kuqhuba yena.
“Ukuzethemba kuzobaluleka, bese sithola amaphuzu futhi siqhubeke nohambo lwethu.”
Yize iPirates iphupha ngodumo, umqeqeshi weMagesi u-Allan Freese uyazi ukuthi iqembu lakhe lilwela impilo yalo kwiBetway Premiership.
“Hhayi-ke, kuba nguwafawafa futhi kwesinye isikhathi izinto zisala nabadlali.
“Kufanele balwe. Angikwazi ukulwa ngedwa,” kusho uFreese kwi-iDiski Times.
Ibophele kanje iPirates: Chaine – Sebelebele, Sibisi, Seema, Hotto – Makhaula, Mbatha, Maswanganyi – Appollis, Mofokeng, Makgopa.
Ebhentshini: Buthelezi, Dansin, Msendamni, Chabatsane, Mariko, van Rooyen, de Jong, Mbuthuma, Ndaba
