
AmaZulu asayifuna eyeConfed Cup – Zwane
U-Arthur Zwane ukholwa ukuthi AmaZulu akufanelwe ukuyodlala ibhola lezwekazi ngesizini ezayo ngemuva komkhankaso oqinile kwiBetway Premiership.
AmaZulu asajaha ukuqeda emaqenjini amathathu aphezulu ukuze athole indawo kwiCaf Confederation Cup.
Kodwa amathemba awo angase ancike kakhulu ekutheni iKaizer Chiefs iqhuzuke kule midlalo emithathu yokugcina yesizini.
Njengamanje Amakhosi yiwo asendaweni yesithathu ngamaphuzu angu-48, ashiya AmaZulu ngamahlanu.
Kanti okuxakile kulo mjaho wokuya kweyeCaf wukuthi iChiefs kusafanele ibhekane neSekhukhune United naMaZulu ekuhambeni ngaphambi kokuqeda umkhankaso wayo neChippa United.
UZwane, ekhuluma ngemuva kokubambana ngo 0-0 ne-Orbit College ngoMgqibelo, uthi ezakhe zisebenze ngokuzikhandla isizini yonke futhi zifanelwe ukuklonyeliswa ngebhola lezwekazi.
“Kulo nyaka yisizini enhle emaqenjini aseKZN. Ngesizathu esithile, wonke amaqembu aphakamise izinga lawo,” kusho uZwane.
UZwane uphinde wavuma ukuthi izikhathi ezinzima bezihlale ziyingxenye yohlelo lokwakha kabusha.
Kodwa ukholwa ukuthi amakilabhu aseqala ukujabulela imivuzo yezinqumo zawo.
“Kuyisinyathelo esihle. Uyabona ukuthi abanye bayazijabulela izithelo zesinqumo sabo nakuba babezobuyela emuva esikhathini esithile,” kusho yena.
“Nathi sifuna ukuya e-Afrika, ikakhulukazi uma ubuka umsebenzi owenziwe yilaba badlali kule sizini.
“Basebenze kanzima ngempela — bafanelwe okuthile, lokho yinkolelo yami.”
Njengoba sekusele imidlalo embalwa kuphela, umjaho wendawo yesithathu uzoba ngomunye wezindaba ezinkulu njengoba kuphela isizini.
