EzintshaKaizer Chiefs

UNabi uyifakela izibuko ekanozinti kwiChiefs

Kuvela ukuthi umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi nephini lakhe elicija onozinti, u-Ilyes Mzoughi, bese bevele benokungabaza noFiacre Ntwari. 

UNtwari – okunguye oqala imidlalo kwiChiefs selokhu kuqale isizini – ubevele elengelelwa yizembe ngaphambi komdlalo wangempelasonto la engagculisanga khona.

Lo nozinti odabuka eRwanda ushiye kunokungabaza ukuthi ngabe usezingeni elifanele ngesikhathi engenelwa amagoli amane bebhekene neMamelodi Sundowns.

Ngaphezu kwamagoli, kunamanye amabhola amhlulile, kwasiza ukuthi ibhola lizishayise epalini.

Kube sekusuka izinkulumo zokuthi iChiefs kumele izame omunye unozinti.

Manje abeSNL24 babika ukuthi uNabi ubevele efuna ukumshintsha lo nozinti ngaphambi komdlalo weSundowns, kodwa wabuye wanquma ukuqhubeka naye.

Kuthiwa uNabi noMzoughi babe nomhlangano la bebehlela ukuthi yisiphi isinyathelo abazosithatha ukuya phambili. 

“Akukhona ukuthi bafuna ukukhipha unozinti othile, bafake omunye,” kucashunwe umthombo usho kanje.

“Kodwa bafuna ukulungisa indlela iqembu nje lilonke elidlala ngayo. Uma ukubeka uNtwari ebhentshini kuyikho okungajika izinto, yilokho okuzokwenzeka. 

“Baqale ukukucabanga lokhu ngemuva komdlalo weMagesi, kodwa babuye bakubona kungenasidingo.

“Kodwa ngemuva komdlalo weSundowns, umuzwa wabo ngalesi simo sewujikile,” kuqhuba umthombo.

Uthe lokhu kumbangela umzwangedwa uNabi ngoba ejimini uNtwari nguyena unozinti obonakala eyizwa indlela abafuna kudlalwe ngayo.

“Kodwa manje sebevumelene ukuthi kumele bathathe isinqumo esizoba nomthelela omuhle eqenjini lilonke.

“Bazozama abanye onozinti. Bangase babuyise uBruce Bvuma ongakadlali kule sizini.

“Nakho ukuthi uBvuma akakadlali kuyinkinga, yingakho kunzima ukunquma ukuthi baqhubeke noNtwari noma bajikele kuye.

“Yileso isinqumo esinzima esisemahlombe omqeqeshi nokumele abe esesithathile ngaphambi komdlalo olandelayo.”

IChiefs izobuyela enkundleni ngoNovemba 27 la izobhekana khona neRiichards Bay ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane emdlalweni weBetway Premiership.