Bafana BafanaEzintsha

UBroos uveza okwenza wacishe waduba iBafana 

Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos usevume ukuthi kunesikhathi la acishe wawushiya phansi lo msebenzi wakhe.

Lokhu kwenzeka ngesikhathi izinto zingakahlangani, kulandela ukushaywa kweBafana eMorocco. 

Ukuveze lokhu ngesikhathi ememezela iqembu lakhe labadlali abangu-23 azodlala ngabo imidlalo yokuhlungela iCaf Africa Cup of Nations kule nyanga. 

“Kwakunzima ekuqaleni, abantu babengayiqondi indlela engisebenza ngayo,” kusho lo mqeqeshi. “Kodwa kusukela ngosuku lokuqala, nganginohlelo lokuthi ngizowenza kanjani lo msebenzi.

“Ngagilapha ukuzosebenza, nginendlela engizosebenza ngayo, uma ingasebenzi, kwakuyobe ayisebenzanga…”

Uthe wafica iBafana engenathemba kusukela kubalandeli bayo kuya kubuholi beSafa, kwakumahliphihliphi nje. 

“Ngafica isimo esimangazayo. Kwakungekho okuthembisayo. Abalandeli babengekho esimweni esihle, abadlai bengebahle, ngisho neSafa yayingeyinhle. 

“Ngabe sengiqala ukujika izinto, ngenza izinto abantu ababengaziqondi noma bengazithandi. 

“Kukhona isikhathi la okwakumele ngicabange kahle ngekusasa. Ngangisekhaya Belgium,,” kuqhuba uBroos. 

“Kwakungemuva kokuhlulwa yiMorocco, ngingazi noma ngiqhubeke nomsebenzi noma ngithathe ucingo ngitshele iSafa ukuthi angisabuyi.” 

Uthe ngemuva kokuxoxisana nomndeni nowayeyiphini lakhe ngaleso sikhathi, uCedomir Jovensky, banquma ukuqhubeka nomsebenzi.”

Uma ubheka eminyakeni emibili ukusuka lapho, iBafana seyivuselelekile, futhi idlala ibhola elihle eselibuyisele nabalandeli ezinkundleni.  

“Akungoba kuyimina ngedwa, wumsebenzi wethimba lonke. Wonke umuntu uyawazi umsebenzi wakhe.

“Siwumndeni obumbene ofuna ukwakha iqembu elinqobayo. Bekungelula, kodwa manje izinto sezingcono.”