
UNcikazi ugcizelela okumele kwenziwe yiBucs emdlalweni wokuqala kwiligi
I-Orlando Pirates iwuqala ngomdlalo onzima umkhankaso wayo kwiBetway Premiership engelinye lamaqembu okubhekwe ukuba ayinqobe.
Asemathathu amasizini kulandelana iPirates inomakoti beMamelodi Sundowns kulo mqhudelwano, kanti kulokhu kubhekwe yenze kangcono.
Izinguquko ezenzile kubadlali, ikakhulukazi, iqinisa kuzo zonke izindawo, zikhomba ukuzimisela kwalezi ziqhwaga zaseSoweto ukwenza kangcono kule sizini.
Isiqalo esihle yiyonanto ezokwenza kube nokuzethemba, futhi iqinisekise ukuthi iSundowns ayilivuli igebe zisuka nje.
Yilokho kanye ke iphini lomqeqeshi uMandla Ncikazi akugcizelele ekhuluma ngaphambi kwalo mdlalo wangoMgqibelo ozoba se-Orlando Stadium. Umdlalo uqala ngo-5.30 ntambama.
“Kuhlezi kubalulekile ukuqala isizini kahle. Sifuna ukuqala kahle, sifuna ukuqoqa amaphuzu ekhaya,” kusho uNcikazi.
“Sifuna ukuqala ngegiya elihle ngoba lokho kuzoba yisinyathelo esihle ukungena ngaso kwisizini entsha.
ISekhukhune yiqembu osekungashiwo ukuthi seliyiphuz einyongo iPirates, futhi elivamise ukuyothwesa uthayela kunomoya.
UNcikazi uthi bayakwazi lokhu, kodwa okumnika ithemba yindlela abazilungiselele ngayo.
“ISekhukhune ayikaze ibe yiqembu elilula, futhi yenza kahle kakhulu ngaphansi kuka-Eric (Tinkler), yingakho iqede la iqede khona (ngesizini edlule, endaweni yesine).
FUNDA NALA | SEZIQHATHIWE KWEYE-CAF
“Ngakho kuzoba wumdlalo onzima kakhulu. Umdlalo okuzoshiyana ukwenza kuwo, kodwa ngokwamalungiselelo ethu, kufanele ukuthi sizowuthola umphumela.”
- Ibophele kanje iPirates kulo mdlalo (4-4-3): Chaine – Mashiloane, Hotto, Sibisi, Mbokazi – Maswanganyi, Mbule, Nduli – Appolis, Mofokeng, Radiopane
- Ebhentshini: Dladla, Sebelebele, Dansin, Mariko, Makgopa, Dlamini, Moremi, Mbuthuma, Ndaba
