
ULebusa uveza okuzosiza iDowns iphumelele noma ‘kunzima’
Isitobha seMamelodi Sundonws, uMosa Lebusa sivumile ukuthi iyezwakala ingcindezi njengoba sebesondela entanjeni emjahweni wesicoco seBetway Premiership.
ISundowns yiyo ezihola phambili kulo mjaho kanti seyisele nembangi eyodwa esanenkani – i-Orlando Pirates.
Emehlweni abaningi akubonakali kusekhona okungakhuba iSundowns kuyenze igcine ingakwazanga ukugcina lesi sicoco ihlandla lesishiyagalolunye kulandelana.
Kodwa noma kunjalo uMosa Lebusa uthi ziyezwakala izigi zePirates kanti njengamanje sebelwela ukungenzi phutha ukuze bafike kuwala entanjeni.
Ubekhuluma ngemuva kokuqokwa njengomdlali ovelele ngesikhathi iSundowns ivuthulula iChippa United ngo 3-0 emdlalweni weligi ngoLwesithathu ebusuku.
“Sekunzima manje njengoba sesibheke ngasekupheleni kwesizini,” kusho uMosa Lebusa ngemuva komdlalo.
“Sesidinga ukuqoqa amaphuzu aphelele kuphela bese siqinisekisa ukuthi sidlala umdlalo ococekile, singavumeli izitha ebhokisini lethu.
“Wonke umuntu usebenze kahle namuhla, yingakho siphume nawo amaphuzu amathathu.”
Ngalokhu kunqoba iSundowns yephule irekhodi lamagoli amaningi asake ashaywa yiqembu elilodwa kiligi yakuleli ngesizini eyodwa.
Leli qembu laseChloorkop selishaye amagoli angu-57 kule sizini kanti lisasele nemidlalo emithathu.
UMosa Lebusa uthi lokhu ngenye yezinto eziyinselelo kubo – ukuthi bahlezii befuna ukwenza kangcono kunabakwenze ngesizini eyandulelayo.
Lokhu kuyagqilaza emqondweni, kodwa uLebusa uthi sebenamava ngokwanele ukwazi okumele bakwenze ezimweni ezinjena.
“Ngicabanga ukuthi akukaze kube lula kithi ngoba kusukela ekuqaleni… Thins sizikala ngokuthi senze okungaphezulu kwesikwenze ngesizini edlule.
“Manje ngicabanga ukuthi kuba wukukhathala komqondo nje uma sekuyiwa ngasekupheleni kwesizini.
“Kodwa ke asiqali ukuba kulesi simo manje. Siyakwazi okumele sikwenze. Kumele siqhubeke sibhekane nomdlalo ngamunye.”
