
Ncikazi: Okwenza uJose Riveiro ahluke
UMandla Ncikazi, oyiphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates useveze okwenza uJose Riveiro ahluke kwabanye abaqeqeshi.
Lo mqeqeshi waseSpain ufike ngoJulayi ka-2022 kwiPirates, futhi uzohamba ngoJuni nonyaka ngemuva kokukhetha ukungayivuseleli inkontileka yakhe.
UJose Riveiro uhole iPirates idla izindebe ezinhlanu – ezimbili zeNedbank Cup nezintathu zeMTN8.
Uphinde wafaka leli qembu kowandulela owamanqamu kwiCaf Champions League, lahlulwa kancane ngo 3-2 yiPyramids FC.
Usenethuba ke futhi lokwengeza enye indebe njengoba iPirates izobhekana neKaizer Chiefs kowamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo.
UMandla Ncikazi, osebenze noJose Riveiro kusukela efika, uncome ubuholi bakhe obuzolile nobungaguquki.
Uthe indlela ayiyo uRiveiro ayikaze ishintshe, noma ngabe iqembu linqobile noma lihluliwe.
Lesi simo sengqondo esiqinile sifake umoya wokuzinikela nokudlala ngokungesabi eqenjini.
“Umqeqeshi uRiveiro ungumuntu ohluke kakhulu; ungaphezu kokuba umqeqeshi nje, ungaphezulu kwalokho.
“Usezingeni eliphezulu kakhulu,” kusho uNcikazi esithangamini sabezindaba seNedbank Cup eThekwini ngoLwesithathu.
“Uwuthathela phezulu umsebenzi wakhe. Akajabuli ngokweqile, futhi akaphoxi kakhulu…”
UMandla Ncikazi uthe ukuziphatha okuzolile kukaJose Riveiro kwenza izinto zibe lula kubadlali.
“Kwenza kube lula kubadlali; kungakhathaliseki ukuthi siyawina noma siyahlulwa, uhlezi eyinto eyodwa.
“Ngihlale ngicabanga ukuthi lokhu kuyabasiza abadlali abasebancane ukuthi badlale ngokukhululeka nangaphandle kokwesaba.”
Uqhube wathi yize enabantu abaningi ethimbeni lakhe abamsizayo, uRiveiro akathembeli kubo kuphela kodwa uzibambela mathupha.
“Unguchwepheshe, uwulungiselela kahle umdlalo, futhi uyazihlaziyela yena ngokwakhe imidlalo.
“Akancikile kubahlaziyi, okuwumkhuba omusha emaqenjini ethu. Uzenzela izinto ukuze akwazi ukuqhamuka necebo lomdlalo.”
