EzintshaOrlando Pirates

U-Ouaddou uveza okwenze avumele ‘umjiko’ kwiPirates

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, useveze ukuthi akaphazamiseki uma abadlali bakhe bedlala ngobuciko futhi bekhipha amakhono abo.

Nokho lokho akuyona into azoyivumela noma ikanjani — kufanele kube nesizathu esizwakalayo sokukwenza.

IBhakabhaka liguqise ompetha baseNamibia, i-African Stars, ngo 4-0 e-Orlando Amstel Arena ngoLwesihlanu, laqinisekisa indawo esigabeni samaqoqo kwiCAF Champions League.

UMpho “Phopho” Padime noSimphiwe Masilela bajabulise abalandeli ngomjiko wabo ngasekupheleni komdlalo.

Esikhundleni sokuthetha njengangaphambilini, u-Abdeslam Ouaddou uthe okwenze abavumele bakwenze wukuthi bese kunamagoli enele. 

“Yebo, amagoli yiwona angijabulisile kakhulu,” kusho u-Ouaddou ebuzwa ngakuthande kakhulu ngalo mdlalo. 

“Nangesikhathi sesishaye amagoli amane, bengilokhu ngibakhuthaza ukuthi baqhubeke bashaye elesihlanu nelesithupha. 

“Ngiyaziqhenya ngokuthi sishaye amagoli amane futhi asangadedela nelilodwa.” 

Ube esechaza ukuthi kungani engazange amkhuze uPadime ngesikhathi ekhombisa umjiko wakhe ngokugibela ibhola.

“Uma sebeshaye amagoli amane, abadlali sebengazijabulisa. Yingakho ngingashongo lutho ngesikhathi uPhopho egibela phezu kwebhola.”

Uveze nokuthi uMasilela angazikhombisa ngobuciko bakhe ngaphandle kokumcasula, uma iPirates isivele iwulawule kahle umdlalo.

UMlayezo ka-Abdeslam Ouaddou ucacile: qala ngokushaya amagoli, uwubeke kude umdlalo, bese uyazijabulisa!