
UNcanana ucacisa ngamazwi acasula iPirates
Ukaputeni weDurban City, uSiphamandla Ncanana, usecacise ngamazwi akhe acasula izikhulu ze-Orlando Pirates ngasekupheleni kwesizini edlule.
Ngemuva komdlalo owaphela zibambene ngo 0-0 e-Orlando Amstel Arena, uNcanana, owahlonishwa ngendondo yeMan of the Match, wathi iPirates “yigama nje.”
Lawo mazwi awazange amukelwe kahle ekhempini yePirates. Omunye wezikhulu zaleli qembu, uMpumi Khoza, wabonakala ethethisa abadlali ngemuva komdlalo, ethi bavumele abantu ukuthi bangayihloniphi iPirates.
La maqembu azophinde abhekane ngoMgqibelo e-Orlando Amstel Arena emdlalweni weMTN8, okwenza le ndaba ibe namandla kakhulu.
USiphamandla Ncanana uthe abantu abazange bakuqonde kahle ayeqonde ukukusho nge-Orlando Pirates ngaleso sikhathi.
“Engingakusho ukuthi mhlawumbe abantu abazange bawaqonde kahle amazwi ami,” kusho uNcanana.
“Akukhona ukuthi bengingahloniphi iPirates noma nginenzondo ngayo.
“Sonke siyazi ukuthi iPirates iyiqembu elikhulu ebholeni laseNingizimu Afrika.”
Uthe ngesikhathi unompempe eqala umdlalo, sekusuke kungasekhona ngamagama amaqembu.
“Uma unompempe eseshaye impempe yokuqala umdlalo, kuba ngabadlali abangu-11 absuke bebhekene nabanye abangu-11.
- FUNDA NALA | USekgota uzama kwelase-Egypt
Akusabe kusaba ngePirates noma elinye iqembu.” kwengeza lo mdlali.
“Ngangizama ukusho ukuthi kumele siqine, hhayi ukungahloniphi i-Orlando Pirates,” kuphetha uSiphamandla Ncanana.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
