
OweChiefs uchaza esokuqalisa uMayo, nokushiya uMcCarthy ngaphandle
Kusuke isasasa kubalandeli ngesikhathi kuvela ukuthi umgadli omusa waleli qembu, uKhanyisa Mayo uyawuqala umdlalo wangoLwesithathu.
UKhanyisa Mayo, osanda kusayina kwiChiefs, uzodlala okokuqala uma sebebhekene neMarumo Gallants emdlalweni weBetway Premiership eFNB Stadium.
Umqeqeshi, Khalil Ben Youssef uveze isizathu esenze baqalise lo mgadli ngaphambi kukaFlavio Da Silva noBradley Cross ngaphambi kuka-Aiden McCarthy.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
“UKhanyisa akakwazanga ukudlala kulo mdlalo wase-Angola, kodwa manje usewatholile amaphepha akhe ngakho uyaqala namuhla.
“Siphinde wenza olunye ushintsho emuva la uBradley Cross ethathe indawo ka-Aiden McCarthy.
FUNDA NALA | I-Arrows inqabe nomzila kwiDowns
“Sizama ukumvikela ngoba usanda kubuya ekulimaleni ngakho akumele adlale imidlalo eminingi elandelana eduze – bekumele simvikele.”
