EzintshaOrlando Pirates

UGcaba wodumo kwiPirates uveza okumholele ekuqeqesheni

U-Andile ‘Pastor Malume’ Gcaba usengene ekuqeqesheni, kanti inhloso yakhe wukunika abadlali abasakhula izikhali zempumelelo kulo mdlalo. 

Lo mdlali wakudala we-Orlando Pirates usanda kubonakala kwi-Engen Knockout Challenge okiyisiteji sokuthi abadlali abasebancane bazikhangise. 

Kodwa ngaphezu kwalokho, inika nabaqeqeshi ithuba lokukhombisa umsebenzi wabo ezingeni lokuncintisana. 

EThekwini, muva nje, izinsizwa ezimbili ezake zadlala ezingeni eliphezulu zibonakale sezisebenza njengabaqeqeshi.

Ngemuva kwenyanga kuphele isigaba seSAFA eThekwini, amagama amabili ajwayelekile abesebenza ekwakheni isizukulwane esilandelayo.

UPhilani “Dribbling Wizard” Shange ubehola AmaZulu FC Youth Academy Under-17, kanti uGcaba uqeqesha iSenzokuhle FC.

Laba bobabili ababuyelanga ebholeni ngenxa yezinkumbulo zesikhathi sabo sokudlala. Umsebenzi wabo manje ukwakha abadlali bakusasa.

U-Ayanda Gcaba uthi uthando lwakhe lwebhola nobuholi yikhona okwamenza wangena kwezokuqeqesha ngemuva kokuthatha umhlalaphansi ekudlaleni.

“Nganquma ukuba ngumqeqeshi ngemuva kokuyeka ukudlala ngoba bengivele ngizithanda ezemidlalo,” kusho uGcaba.

Ngaphambi kokudlala kwiPirates, la aze wadlala khona owamanqamu kwiCaf Champions League, uGcaba wazakhela igama kwiFree State Stars.

“Ngebhola ngakwazi ukuzakhela igama, futhi bengihlale ngizibona njengomholi,” kuqhuba yena

UGcaba uyazi kahle ukuthi yini edingekayo ukuze umdlali afinyelele ezingeni eliphezulu.

Ukuzidela, ukuzithiba nokusebenza kanzima ngezikhathi abantu abangakuboni yikho azama ukukudlulisela esizukulwaneni esisha.

UShange naye wenza okufanayo kuMaZulu amancane, esebenzisa ulwazi aluthola ngesikhathi edlalela iGolden Arrows ukubumba abadlali abanamakhono kodwa abaqonda nokubaluleka kokuziphatha kahle.