
UKaze uvukwa umunyu ngokubuyela eFNB eyolwa neChiefs
Umqeqeshi weSekhukhune United u-Cedric Kaze ulindele ubusuku obunzima nobuvusa umunyu ngoLwesithathu.
IBabina Noko izobhekana neKaizer Chiefs eFNB Stadium emdlalweni weBetway Premiership. Uqala ngo-7.30 ebusuku.
UKaze ubeyingxenye yethimba labaqeqeshi beChiefs ngesizini edlule.
Ubebambisene noKhalil Ben Youssouf ngemuva kokuhamba kukaNasreddine Nabi.
Laba baqeqeshi basize iChiefs yaqeda endaweni yesithathu kwiligi ngesizini edlule.
Lokho kube yindawo enhle kakhulu kuleli qembu eminyakeni eyisithupha edlule.
Yize bengaqhubekanga neqembu, bobabili bathola amathuba okuqeqesha amanye amaqembu kwiBetway Premiership.
U-Cedric Kaze uqale kahle emsebenzini wakhe omusha kwiSekhukhune enqoba imidlalo emibili kulandelana.
Iqembu lakhe linqobe iDurban City emdlalweni wokuqala weligi, nakuba yena wayengekho ebhentshini ngenxa yezinkinga zemvume yokusebenza.
Ubekhona iSekhukhune inqoba emdlalweni weMTN8 la behlule khona AmaZulu FC ngo 4-3 ngempelasonto.
“Kuzoba wumdlalo othinta imizwa ngoLwesithathu,” kusho lo mqeqeshi odabuka eBurundi.
“Kodwa kufanele siqale silulame kahle ngoba umdlalo wangeSonto ubadle kakhulu abadlali ngokomzimba.
“Nginesiqiniseko sokuthi ngoLwesithathu sizobe sesikulungele ukubhekana nenselelo.”
UKaze uphinde wakhombisa ubuchule bokushintsha amaqhinga ngesikhathi iSekhukhune ihlula AmaZulu.
“Njengoba wonke amaqembu azi konke ngalinye, wonke eza nezindlela zokunibamba ngoba basuke sebenibuke kaningi.
“Ngakho-ke sidinga ukukwazi ukuguquguquka ukuze simangaze amanye amaqembu.
“Sidinga iqembu elikwazi ukwenza izinto ezahlukene ngezikhathi ezahlukene emdlalweni,” kwengeza yena.
U-Cedric Kaze uncome kakhulu abadlali bakhe ngendlela abalwe ngayo emdlalweni wangempelasonto obe namagoli ayisikhombisa.
“Kumele ngibancome abadlali bami. Bakhombise ukuzimisela okukhulu nokuzibophezela kukho konke abakwenzile.
“Noma singenelwe igoli umdlalo usanda kuqala, sikwazile ukugcina izingqondo zethu zingadungekile.
- FUNDA NALA | UCardoso wenze okungajwayelekile ngoMkhulisi
“Kukhombisile ukuthi nginabadlali abazimisele ukulwa.
“Sibhekene naMaZulu bakhombise amandla abo, futhi ngijabule kakhulu ngabo, ngeqembu nangabalandeli,” kusho yena.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
