
Ubalula ukuzigqaja uMosimane ephawula ngokubuyela kwiBafana
U-Pitso Mosimane akachithanga sikhathi ecabanga kakhulu ngokubuyela kwakhe kwi-Bafana Bafana. Umsebenzi usuqalile.
UMosimane usanda kuqokelwa ihlandla lesibili njengomqeqeshi weBafana.
Futhi manje useqale nekhempu yakhe yokuqala njengoba iNingizimu Afrika ilungiselela imidlalo ebalulekile yokuhlungela iCaf Africa Cup of Nations.
Lo mqeqeshi odume ngelikaJingles uphinde wakhuluma ngokubaluleka kokuphinde asebenzele izwe lakhe.
“Nazo-ke, umsebenzi usuqalile,” kubhala uMosimane ezinkundleni zakhe zokuxhumana.
“Kuyilungelo ukuphinde ngisebenzele izwe lami futhi ngihole iqembu lethu lesizwe.”
U-Pitso Mosimane uyazi kahle ukuthi ukubuyela kwakhe kiw-Bafana Bafana kuhambisana nomthwalo omkhulu.
Lokhu kungoba manje esenethuba lokubhala esinye isahluko emlandweni weqembu lesizwe.
“Umthwalo mkhulu kakhulu, kodwa nokuziqhenya kukhulu ngendlela efanayo,” kuqhuba lo mqeqeshi odabuka eKagiso.
“Siyakwazi okusilindele. Siyazi ukuthi leli bheji lisho ukuthini kwizigidi zabantu baseNingizimu Afrika.”
La mazwi kaMosimane akhombisa ukuthi uyawuqonda umsebenzi omkhulu obhekene naye njengoba eqala ihlandla lesibili kwiBafana.
IBafana ibhekene nengcindezi yokuthola imiphumela emihle emidlalweni yokuhlungela i-Afcon, kanti abalandeli baseNingizimu Afrika bazobe bebhekile.
IBafana izoqala ngokubhekana neGuinea e-Orlando Amstel Arena ngoMgqibelo ntambama. Umdlalo uzoqala ngo-3 ntambama.
Ngemuva kwalokho izoya e-Egypt lapho izobhekana khona ne-Eritrea emdlalweni wesibili wokuhlungela i-Afcon.
- FUNDA NALA | UNdlovu ulolwe yisicoco, usefuna silanywe ezinye
Iqembu likaMosimane lizobe seliphetha ikhempu ngomdlalo wobungani ne-Egypt ngo-4 Okthoba.
Umsebenzi usaqala ku-Pitso Mosimane, kodwa umyalezo wakhe ucacile: uyazi ukuthi kusho ukuthini ukuhola i-Bafana Bafana futhi ufuna ukukwenza izwe liziqhenye.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
