EzintshaOrlando Pirates

UMokobodi uveza abakutshelwa u-Ouaddou beshaya iGallants

U-Thapelo Mokobodi usephenduke umdlali obalulekile kwi-Orlando Pirates yize ejoyine leli qembu sekusele izinsukwana kuqale isizini.

Lo mdlali wasesiswini ube nomdlalo omuhle kakhulu ngesikhathi iPirates ishaya iMarumo Gallants ngo-2-0 ngeSonto.

Lokhu kunqoba kwenze ompetha beBetway Premiership basondela ngephuzu elilodwa kuphela kwiMamelodi Sundowns eqhwakele, kanti iPirates isenomdlalo owodwa ewugodlile.

Njengoba uThalente Mbatha elimele, uMokobodi unike u-Abdeslam Ouaddou ibhalansi abeyidinga esiswini.

Kancane kancane lo mdlali usezakhela indawo eqenjini, ngokudlala ngendlela engakhombisi uvalo noma ubunzima bokungena eqenjini elisha.

Kulo mdlalo neGallants, uMokobodi wakhe womabili amagoli, wakhombisa ubuhlakani ekwakheni amathuba.

Ibhola aligobe ngobuchule liwele kuKabelo Kgostlile, obe eselinamathisela enethini ngaphambi kwekhefu.

Ngemuva kwekhefu, ikhona yakhe ihlangane noNkosinathi Sibisi wayingqofela enethini.

“Besidinga ubuhlakani bokwakha amathuba. Besazi ukuthi kuzoba nzima, kodwa siyawazi amandla ethu.

“Siyakwazi ukwakha amathuba okushaya amagoli ngamakhona, amabhola abekwe phansi, ukugijima ngemuva kwezitobha nokugoba amabhola. 

“Besikulungiselele lokhu futhi kusisebenzele,” kusho uMokobodi ngemuva komdlalo.

U-Thapelo Mokobodi uvumile ukuthi iPirates ibingashaya amanye amagoli, futhi naye ulitholile ithuba lokufaka igama lakhe kwababhakuzise inethi.

“Khona besingawashaya amanye amagoli, kwamina bengingalishaya. Ngilitholile ithuba,” kusho yena.

Lokhu bekungukunqoba kwesihlanu kwePirates kulandelana, kanti uMokobodi uthe iqembu belifuna ukungena ekhefini leFifa linomfutho.

“Umqeqeshi usitshele ukuthi siqede ngezinga eliphezulu, sithole amaphuzu aphelele. Besidinga ukunqoba,” kuchaza yena.

“Siyabonga kubalandeli abafikile bazosiseka. Siyabazisa kakhulu. Lo mphumela ungokwabo.”

Izingxoxo ngesicoco seBetway Premiership sezishisa kakhulu, kanti iPirates manje isihlezi ezithendeni zeSundowns.

Okwenza izinto zibe mnandi kakhulu ukuthi lezi zinkunzi zizobhekana kowamanqamu weMTN8 ngo-10 Okthoba.

Lowo mdlalo usungaphezu nje komdlalo wokunqoba indebe, njengoba iPirates neSundowns sebeqalile ukubhekana ngqo nasemjahweni weligi.