EzintshaKaizer Chiefs

UNasreddine Nabi uphalaza iqiniso ngesimo seKaizer Chiefs

UNasreddine Nabi ugijime waqonda emhubheni, wayosithela egunjini lokushintshela ngemuva kokuthi i-Kaizer Chiefs ihlulwe ngo 2-1 yiMarumo Gallants.

IGallants ibuye kade seyilandela ngemuva, yanqoba lo mdlalo phambi kwabalandeli beKaizer Chiefs eFNB Stadium, kanti uNasreddine Nabi kumcikile lokhu. 

Lo mqeqeshi waseTunisia akazange akhulume ngesikhathi esifanele nabakamabonakude njengoba ebesadubile. 

Uphinde wafika sekwephuzile ukuyoxoxisana nabezindaba okuyimpoqo ngemuva komdlalo, nokuyilapho evume khona akubona kubhimba.

“Kuyadabukisa ukuthi isimo esikuso sibi kakhulu,” kuvuma uNabi kwabezindaba ngemuva kwalo mdlalo.

“Kodwa kufanele sikwamukele futhi asinazo izaba zakho. Okungikhathaza kakhulu akuwona umphumela.

“Okubi kakhulu wukuthi sesilahlekelwe ngisho nayindlela yethu yokudlala futhi lokho kungikhubaza kakhulu.

“Izibalo zokwenzeke emidlalweni edlule angikwazi ukusho okuningi ngazo njengamanje. 

“Kodwa okuwukuphela kwento engingayisho ngokwenzeka namuhla, ukuthi sisesimweni esibi kakhulu,” kuvuma uNabi.

Umdlalo weChiefs awuzange ukhombise ukuhlangana nokuthi kunohlaka iqemu elisebenzela phezu kwalo. 

UNabi uphakamise ukuthi kungenzeka ukuthi lokhu kungenxa yokuthi ubengenabo bonke abadlali bakhe kulo mdlalo.

Leli qembu elizinze eNaturena lihlaselwe wukulinyalelwa nokumiswa kwabadlali abajwayele ukuqala imidlalo.

Ukuhlulwa kwenze iChiefs yaphuma emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kwilogi yeBetway Premiership.

Isenamaphuzu angu-30 kuphela ngemuva kwemidlalo engu-25. Ngokujwayelekile, lawa ngamaphuzu okuvika izembe.

Umdlalo weGallants bekumele unikeze Amakhosi umfutho azoya nawo kwidabhi yaseSoweto ngempelasonto ezayo. 

Azosingatha i-Orlando Pirates eFNB Stadium ngoMeyi 3 emdlalweni weligi, nangoMeyi 10 kowamanqamu weNedbank Cup eThekwini.