EzintshaKaizer Chiefs

UNabi useveze okwamqhatha nonompempe kowe-Arrows

UNabi ukhishwe ngekhadi elibomvu ngemuva kokuphela komdlalo ngoJanuwari 12 eMoses Mabhida Stadium ngemuva kokuhlulwa yiGolden Arrows.

Waya konompempe ngemuva komdlalo, wabalandela wangena emhubheni okulapho enikezwe khona ikhadi elibomvu. 

Uphuthelwe yimidlalo emibili edlule yeChiefs futhi ubukeka ekhungathekile futhi engemnandi ehlezi ezihlweleni. 

Kodwa ubuye ngesikhathi esihle ngaphambi komdlalo wakhe omkhulukazi kusukela efike kwiChiefs. 

Uzoba sebhentshini ngesikhathi iChiefs ihlangana ne-Orlando Pirates eFNB Stadium ngoMgqibelo ngo-3 30 ntambama. 

Ekhuluma ngaphambi nje kweSoweto Derby ngoMgqibelo, uNabi uxolisile kunompempe wathi kwaba ukungaqondi kahle. 

“Ngiyaxolisa kunompempe… Ngangingalwi naye, mhlawumbe kwaba yisiNgisi sami esingesihle futhi akangakuqonda engangikusho.

“Kodwa ngifuna iqembu lami lihloniphe onompempe, futhi ngifuna abalandeli nabo bahloniphe onompempe.

“Ngiyajabula ukubuya manje. Cabanga nje ukube bengingeke ngibe khona lapha namuhla, bekuzongephula inhliziyo.”