Bafana BafanaEzintsha

I-Safa ichaza ngokubambezeleka kwamabhonasi eBafana

I-South African Football Association (Safa) isiphendule ngemibuzo mayelana nokubambezeleka kokukhokhwa kwamabhonasi eNdebe yoMhlana abadlali nabasebenzi be-Bafana Bafana.

ILisenethini ike yabika ukuthi abadlali nabasebenzi beBafana bebehlela ukuuhudula izinyawo ekhempini ezayo, ngenxa yokukhathazeka ngokuthi la mabhonasi abeselindwe isikhathi eside.

Le nhlangano ithi ukubambezeleka kubangelwe yizidingo zentela e-United States naseMexico, njengoba imidlalo yeNdebe yoMhlana ibibanjelwe kulawa mazwe.

“ISafa ifisa ukucacisa ngokubambezeleka kokukhokhwa kwamabhonasi abadlali nabasebenzi beBafana Bafana…
“Lokho kungenxa yemigomo yentela okudingeka ilandelwe,” kusho iSafa esitatimendeni.

I-Safa ithi isiqoke ochwepheshe bezomthetho nentela kula mazwe ukuze baqedele lolu daba.

“Udaba luyasetshenzwa futhi seyiyinde indima ekhathuliwe,” kuqhuba le nhlangano.

Iphinde yaqinisekisa ukuthi ingxenye yemali yemihlomulo yeNdebe yoMhlaba isitholakele futhi abadlali nabasebenzi bayithilile.imihlomulo ejwayelekile.

“Yonke imihlomulo nenye imali efanele abadlali nabasebenzi isikhokhiwe,” kwengeza lesi sitatimende.

I-Safa ithi amabhonasi kuphela asele, futhi nawo azokhokhwa uma sekuphothulwe zonke izidingo nemigomo yentela.