EzintshaKaizer Chiefs

UNabi usephawulile ngokwenzeka kuye kwiKaizer Chiefs

Lokhu kulandela amahlebezi abengakaqinisekiswa yiChiefs okuthi abaphathi babe nokungaboni ngaso linye nalo mqeqeshi.

Kuvela ukuthi ingxabano yabo ivele ngemuva kokuthi iKaizer Chiefs ithole ukuthi kunogcobho ngezicucu zikaNasreddine Nabi zokuqeqesha.

Kubikwe ngoLwesithathu ukuthi inkontileka kaNasreddine Nabi inqanyulwe yiKaizer Chiefs ngemuva kokuvela kokuthi akanayo i-Caf Pro License yokuqeqesha u-Amakhosi kuCaf Confederation Cup.

“Ukuhlukana kwami neKaizer Chiefs kube yisivumelwano nabaphathi beqembu, futhi kuza ngemuva kwesikhathi yinselelo nempumelelo, uNasreddine Nabi ucashunwe esho kanje kwisizindalwazi i-winwin.com.

“Njengamanje, ngidinga isikhathi sokuphumula, ngigxile kakhulu emndenini wami, futhi ngiqaphe impilo yomkami, obekudinga ukuthi ngibe seduze naye esikhathini esincane esidlule.”

UNabi wengeze ngokuthi usevele uthole izicelo ezivela emaqenjini ase-Afrika naseMiddle East asacabangela kuzo njengamanje.

“Impela, amakilabhu amaningana amakhulu ase-Afrika nawama-Arab angithintile,” kuqhuba yena. 

“Kodwa ngeke ngingene kunoma yiziphi izingxoxo ngalesi sikhathi, njengoba into ebaluleke kakhulu kimi wukuthatha ikhefu lesikhashana ukuze ngiphumule.”

IChiefs izodlala neKabuscorp yase-Angola ngoMgqibelo eLuanda emzuliswaneni wokuqala weCaf Confederation Cup, emdlalweni womlenze wokuqala e-November 11 Stadium.

Amaphini kaNabi uCedric Kaze noKhalil Ben Youssef kulindeleke ukuthi kube yiwo ahola iChiefs kulowo mdlalo.

UNabi uphuthelwe ukuqala kwale sizini neChiefs ngesikhathi ephoqeleka ukubuyela kwelakubo eTunisia eyohlala nonkosikazi wakhe ngemuva kokuba sengozini embi. 

Ubuye ngesikhathi ngaphambi kokuthi iChiefs idlale ngokulingana ngo 0-0 neMamelodi Sundowns emdlalweni weBetway Premiership ngo-Agasti 27.

IChiefs iyiqale kahle isizini, inqoba imidlalo emine kwemihlanu yokuqala yeligi. 

Ihlulwe okokuqala kulo mkhankaso ngoLwesibili ebusuku, ishayelwa ekhaya eFNB Stadium ngo 3-1 yiSekhukune United.

UNabi – obesejikijelwa ngabalandeli – uhambele isithangami sabezindaba ngemuva komdlalo futhi akazange akhombise zimpawu zokuthi angase ashiye. 

Ufike kwiChiefs ethwelwe ngeqona esuka kwi-AS Far Rabat yaseMorocco ekuqaleni kwesizini ka-2024/25. 

UNabi ube nesizini yokuqala enzima kwiBetway Premiership, iChiefs iqeda endaweni yesishiyagalolunye. 

Nokho uhole Amakhosi edla indebe yawo yokuqala eminyakeni eyishumi ngesikhathi enqoba iNedbank Cup.