
‘Isihawu’ iSundowns ishaya elaseNigeria ngoswazi oluncane
IMamelodi Sundowns ibe nesihawu kwiRemo Stars, iyishaya ngo 2-0 emlenzeni wesibili weCaf Champions League eLoftus Stadium ngeSonto.
Njengoba beyibuye nomphumela omuhle – yashaya leli qembu laseNigeria ngo 5-1 emlenzeni wokuqala – iSundowns beyivele seyiqinisekisiwe ukuthi idlulela phambili.
Yize kunjalo, umqeqeshi uMiguel Cardoso uqoke iqembu eliqinile kodwa waphumuza ukaputeni uRonwen Williams.
Esikhundleni sakhe ufake umakadebona weqembu uDenis Onyango onikwe ithuba elingajwayelekile lokuvimba kompetha beligi yaseNingizimu Afrika..
UNuno Santos uvule ngegoli ngemuva kwemizuzu engu-20, eshaya ishodi elidle inethi ekhoneni lepali.
Ngaphambi nje kokuthi kuyiwe ekhefini, uPeter Shalulile ushaye elesibili okwenze kwaba ngu 2-0.
AmaBrazilians abesezidlalela nje esiwombeni sesibili engajahe lutho, kwazise abesehamba phambili ngo 7-1 sekuhlanganiswe imiphumela.
FUNDA NALA | I-Arrows ishwebise iGalalxy isithembile
Bese kucace bha ke nokuthi isivele izibekisele indawo esigabeni samaqoqo isizini ka-11 kulandelana.
IMamelodi Sundowns manje isijoyine iziqhwaga zase-Afrika i-Al Ahly, RS Berkane, ne-ES Tunis phakathi kwamaqembu aphezulu esigabeni samaqoqo.
