
UNabi ucela imithandazo – umkakhe usaxinekile impela
Umqeqeshi we Kaizer Chiefs uNaraddine Nabi usenxuse abantu bonke emhlabeni ukuthi bamthandazise njengoba egulelwa ngunkosikazi wakhe.
UNabi, ekhuluma neLisenethini ushaye ngamafuphi wathi unkosikazi wakhe useyelulama ngemuva kwengozi yemoto ecishe yadlula nomphefumulo wakhe.
“Sekuya ngokuba ngcono ngoba useyakwazi nokusukuma,” kusho uNabi, eseMorocco.
“Bekukubi kakhulu, engakwazi kwenza lutho ngemuva kwengozi yemonto emvelele.”
Lo mqeqeshi ukhululwe yiChiefs ukuthi aphuthume ekhaya ngoLwesihlanu kulandela le ngozi eyehlele umkakhe.
Ngemuva kwale ngozi, umkakhe uqulekile isikhashana kodwa manje kubukeka ezogcina eluleme ngokugcwele yize kuzothatha isikhashana.
IChiefs imnike isikhathi esanele, yathi useyobuya uma esenelisekile ngesimo sempilo somkakhe njengoba kubalulekile ukuthi abe seduze nomndeni ngalesi sikhathi.
Lokhu kusho ukuthi uzophuthelwa yimidlalo embalwa yokuqala yeChiefs kuqala ngowokuvula kwiBetway Premierhsip neStellenbosch FC.
FUNDA NALA | ILINYAZWE UMAGIDIGIDI I-ARROWS
Lo mdlalo – odayise inqwaba yamathikithi – uzoba se-Athlone Stadium eKapa kanti uzoqala ngo-5.30 ntambama.
Lo mdlalo kulindeleke ukuthi udle ngokushuba njengoba njalo uma eqondene lamaqembu kusala ikhokho enkundleni ngendlela asuke ehubhana ngayo.
Khonamanjalo amaphini kaNabi yiwo azobe ebambe izintambo kuze kube uyabuya azoqhubeka nomsebenzi wakhe.
