EzintshaKaizer Chiefs

OwePolokwane uveza icebo ‘akhubaze’ ngalo iKaizer Chiefs

Umqeqeshi wePolokwane City, uPhuthi Mohafe useveze icebo alisebenzisile ukucisha injini ebisiza iKaizer Chiefs yenze kahle emidlalweni edlule.

Lamaqembu adlale ngokulingama ngo 0-0 njengoba ingekho ebivuma ukugoba uphondo kulo mdlalo weBetway Premiership.

Ekhuluma ngemuva komdlalo, uMohafe uthe ubeyazi ukuthi ibanjwaphi iKaizer Chiefs ukuze ingabagqilazi njengoba yenzile kwiMagesi FC emdlalweni wayo odlule. 

“Abafana bami badlale kahle kakhulu,” kusho lo mqeqeshi. “Esikwenze kahle wukuvala kahle izikhala – emuva, esiswini naphambili.

“Bekumele sikhubaze abanye babadlali babo, okuyinto esiyenze kahle kakhulu.”

Uthe umdlali abebemazi ukuthi nguyena oyingozi futhi olawula indlela iKaizer Chiefs edlala ngayo uLebohang Maboe.

Ngokukhubaza yena, benze isiqiniseko sokuthi akazenzeli umathanda, ingxenye yomsebenzi wabo beyisifeziwe.

“Besazi ukuthi kumele sikhubaze uMaboe engakwazi ukuya phambili,” kuqhuba uMohafe.

“Yize ebeshintshana ngendawo ayidlalayo noThabo Cele kodwa sikwazile ukubabamba kahle.

“Bekuthi uma sithola ithuba lokuya phambili, siye ngokuzumisa okusheshayo – ikakhulukazi esiwombeni sesibili. 

“Esiwombeni sesibili sebe kubhuza thina. Kodwa lamathuba esiwayekile yiwo okuzomele sisebenze kuwo ngokuzayo.”

Lo mphumela awuwasizanga ngalutho womabili lamaqembu. IKaizer Chiefs isasendaweni yesithathu futhi isasilele emuva ngamaphuzu ayishumi kwabaphambili kunayo.