EzintshaKaizer Chiefs

UNabi akalufuni uvucu kwiChiefs, uchithe umgadli

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, usebalule uhlobo lwabadlali afuna ukubaletha eqenjini lakhe. 

UNabi uthi ugxile ekuheheni ithalente elisezingeni eliphezulu elingakhuphula izinga esikwatini sakhe, hhayi uvucu nje. 

NgoMsombuluko, uchithe umgadli wasePortugal abelethelwa yena, wagcizelela ukuthi lo mdlali akafinyeleli ezingeni eliphezulu elidingekayo kwiChiefs.

NgoLwesibili, iqembu liqinisekise ukubuya kukaNjabulo Blom obedlala leMajor League Soccer iSt. Louis City SC. 

UBlom ubolekisiwe kwiChiefs. Iphinde yamemezela nokusayinwa kukaBradley Cross osuka kwiGolden Arrows. 

Laba badlali bajoyina abadlali abasha okungoBongani Sam, Inacio Miguel, Gaston Sirino, Fiacre Ntwari, noRushwin Dortley. 

UNabi uchaze ukuthi ukusayinisa abadlali abafanele kuyinqubo ayiphatha ngokucophelela ngoba akafuni ukugcina ewola noma ngubani. 

Ugcizelele ukuthi akulula ukuthola abadlali abaseqophelweni eliphezulu ngoba wonke amakilabhu nabaqeqeshi bafuna ukubagcina ababo. 

“Izinga engilifunayo kwiKaizer Chiefs liphezulu,” kusho uNabi ekhuluma nabezindaba ngoLwesibili ngesikhathi kwethulwa iBetway Premiership. 

“Abanye basazofika (kodwa akulula ukuthola abezinga eliphezulu, akulula, ngoba wonke amaqembu afuna ukubagcina,” kusho uNabi.

“Kunzima (emakethe). Kungani? Izinga labadlali beKaizer Chiefs engilifunayo liphezulu, ngeke ngamukele umdlali ongekho kulelo zinga.

“Nithatha isikhathi sami (ukubhekisisa umdlali), izolo ngichithe umgadli oyedwa, udlala ePortugal.

“Kodwa mina ngimnqabe ngoba akekho ezingeni leKaizer Chiefs,” kuchaza lo mqeqeshi odabuka eTunisia.

Kuzokhumbuleka ukuthi kwakubona abakhona eqenjini njengamanje, uke wakuzwakalisa ukungeneliseki ngabathile.

Wathi kukhona abona sengathi basayineka ngephutha kwiChiefs nafisa ukuthi kubolekiswe ngabo. 

UNabi uzwakalise ukujabula kwakhe ngokusayiniswa kukaNjabulo Blom, embiza “ngengxenye yomndeni.” 

Uphinde wancoma uBradley Cross ngobuntu bakhe nezinga lakhe, wathi kubalulekile ukumsebenzisa ngendlela. 

Ukufika kukaBlom kuqinise amahebezi okuthi uSibongiseni Mthethwa angase achithwe kuleli qembu njengoba uNabi engamuzwa kahle.