
Umunyu ku-Ouadou ephawula ngengozi ecishe yadlula naye
Kuphele amasonto amabili kunokuqagela ngesimo somqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou ngemuva kwengozi yemoto enyantisayo.
Manje, okokuqala ngqa, lo mqeqeshi usephawulile ngale ngozi, futhi amazwi akhe abegcwele umunyu njengoba esinde ngokulambisa.
Lesi sigameko besisibi futhi sicishe sadlula nezimpilo zabasebenzi abayisithupha bePirates abebezama ukusiza.
Ngokwesitatimende esakhishwa yoPirates ngemuva kwengozi, u-Ouaddou nabasebenzi abahlanu abangadalulwanga banqwamana nengozi.
Babekade bephuma emdlalweni wePirates neChippa United ngo-Agasti 31, babe sebebona kunengozi, babe sebephhuma beyosiza.
Kulapho ke enye imoto yabe seyizithela phezu kwalezi ezazinabantu ababethi bayabasiza, kwase kulimala nabo.
Balimala kabi futhi bonke bangeniswa esibhedlela la bathola khona ukwelashwa okuphuthumayo.
Ngokuyisimangaliso, u-Ouaddou ukhishwe ngesonto eledlule esibhedlela. Futhi kuleli sonto, egodle ingalo, ubonakale enkundleni yokuzilolonga yeqembu.
Ubecija iqembu lakhe njengoba lizilungiselela umdlalo wamanqamu weMTN8 ozoba ngempelasonto.
Ngesikhathi esekhuluma nabezindaba, akazange agxile emininingwaneni yengozi nokuthi kwenzekani.
“Ngivukwa umunyu… hhayi ngoba ngifinyelele kowamanqamu kodwa ngenxa yokuthi namkhu ngiyakwazi ukukhuluma nani namuhla,” usho kanje ezwakala ukuthi usenomunyu.
Bekuyisikhathi esinzima, esiveza imizwa yomuntu obhekane ngqo nokufa, kodwa ngenhlanhla waphuma esaphila.
Ukubeke kwacaca ukuthi ukuthi usaphila kuwukunqoba ngokwakho, nokuhlonipha ochwepheshe bezokwelapha abamsindisile.
Ubonge ngokusuka enhliziyweni. “Kubasebenzi besibhedlela, nawo wonke amakhono aseNingizimu Afrika ngomsebenzi omkhulu abawenzile ukuze ngikwazi ukuhlala lapha ngikhulume nani namihla.
“Nokuthi ngisazokwazi ukuba sebhentshini kulo mdlalo wangempelasonto,” kuqhuba lo mqeqeshi odabuka eMorocco.
Umdlalo wamanqamu usungaphezulu nje komdlalo kumaBhakabhaka; usuwuphawu lwethemba nokunqoba izimo ezinzima.
FUNDA NALA | UBroos ufuna uMbokazi aye phesheya
Njengoba umqeqeshi wayo esebuyile ngemuva kwalesi siga esicishe sadlula nomphefumulo wakhe, i-Orlando Pirates izongena enkundleni ngenhloso enkulu nakakhulu.
U-Ouaddou uzobe enethemba lokuwina indebe yakhe yokuqala nePirates ngemuva kokuthatha indawo kaJose Riveiro ophumelele kakhulu kuleli qembu.
IPirates izohlangana neStellenbosch FC eMbombela Stadium ngoMgqibelo – umdlalo uhlelelwe ukuthi uqale ngo-6 ebusuku.
