EzintshaMamelodi Sundowns

ICaf nesinqumo ngokungena mahhala kweyeSundowns

Leli qembu lasePitoli lizosingatha iziqhwaga zase-Egypt i-Al Ahly emlenzeni wokuqala womdlalo wandulela owamanqamu weChampions League ngoMgqibelo.

Umdlalo uzoqala ngo-3 ntambama eLoftus Stadium. Lona ngumdlalo ka-17 phakathi kwalezi zinkunzi zebhola lase-Afrika.

Womabili la maqembu anqobe kahlanu, imidlalo eyisithupha yaphela zibambene ingekho egoba uphondo.

Njengoba lo mdlalo ungomunye wesindayo ebholeni lase-Afrika, kuqokwe unompempe waseSomalia u-Omar Artan uzozuphatha.

IMamelodi Sundowns ayikehlulwa yi-Al Ahly emidlalweni eyisikhombisa edlule phakathi kwalamaqembu.

AmaBrazilians ahlose ukufinyelela kowamanqamu weChampions League okwesithathu emlandweni wawo.

Yingakho izobadinga abalandeli bayo kulo mdlalo wangoMgqibelo ukuze bafake abadlali umfutho owengeziwe. 

Kepha ngemuva kwezibhelu zomdlalo odlule la yayibhekene khona ne-Esperance kuyo le nkundla, iCaf isinqume ukuvimba ukungeniswa kwabalandeli mahhala.

Ngenxa yalokhu, iMamelodi Sundowns manje isinqume ukuthi ithikithi ngaliye lizobiza u-R20 okuseyintengo ephansi kakhulu. 

ICaf uthe ukungena mahhala kube nomthelela kulezi zibhelu azacishe zadlula nemiphefumulo yabalandeli emasontweni ambalwa edlule.

IMamelodi Sundowns isafuna ukudlala enkundleni egcwele phama, futhi inethemba lokuthi abalandeli bazowathenga amathikithi emali ephansi.

Izobadinga abalandeli ukuyisiza ukuthi idlule kwi-Al Ahly. Umlenze wesibili useCairo ngo-Ephreli 25.

Futhi i-Al Ahly isifake isicelo sokuthi umdlalo wayo wasekhaya uvulelwe ukuthi kungene isibalo esigcwele sabalandeli eCairo International Stadium.

I-Al Ahly iyikilabhu kunawo wonke kulo mqhudelwano, kodwa iSundowns inethemba lokuthi izokuqeda ukubusa kwayo.

Lona ngumdlalo owandulela owamanqamu wesithathu weSundowns kulandelana futhi izobe ibheke ukudlula ifinyelele kowamanqamu kulokhu.