EzintshaKaizer Chiefs

Ichithiwe ingwazi ebifuna ukucija abagadli kwiChiefs

Abaphathi bamakhosi bamenqabile uMark Williams ngesikhathi eveza isifiso sakhe sokufaka isandla eqenjini yize ayezimisele nokungaholi imali etheni. 

UWilliams wayengumgadli ongalibheki ipali ngezinsuku zakhe futhi wadlala kwiKaizer Chiefs ngasekupheleni kwama-90’s.

Waphenduka omunye wabadlali abangaconsi phansi kubalandeli ngaleso sikhathi ngenxa yokuvuthela kwakhe inethi. 

Nokho wazakhela kakhulu igama ngezenzo zakhe zobuqhawe kwiBafana Bafana ngesikhathi somkhankaso owaba yimpumelelo weCaf Africa Cup of Nations Campaign ka-1996. 

Engxoxweni nabomsakazo kuleli sonto, uveze ukuthi uzamile ukukhuluma nabaphathi beKaizer Chiefs ngokujoyina leli qembu.

Imizamo yakhe nokho yachithwa futhi iphupho lakhe lokusiza iqembu lakhe lakudala lashabalala kanjalo.

“Awukwazi ukuziphoqelela kubantu uma bengakufuni,” kusho uWilliams kwiSport ON yeRadio 2000. 

“Sengike ngaya khona amahlandla amathathu. Ngike ngakhuluma nomndeni (umndeni wakwaMotaung ophethe iKaizer Chiefs). 

“Bengingabhekile imali. bengifuna nje ukusiza abagadli ngoba nginolwazi lwalowo msebenzi. 

“Umgadli ofana no-Ashley Du Preez uyethembisa kakhulu. Bengamsiza yena nabanye bashaye amagoli,” kwengeza uMark Williams.

Lo mdlali wakudala oseneminyaka engu-58 ubudala uthe ubezosiza ukucija abagadli engabheke mholo otheni kodwa abongwe ngokuthile uma abagadli beshaya amagoli.  

“Ngabatshela ukuthi bangangikhokhela noma yini abayifunayo… Kodwa uma abagadli bami bethola amagoli, ngifuna ibhonasi enkulu. 

“Ngenza okufanayo kwiSuperSport United. Ngasiza abagadli babo. Kodwa angisona isinxibi. 

“Ngifuna abantu bangithathele ulwazi lwami hhayi ngoba bengizwela,” kuqhuba uWilliams.

Uphinde waveza nesidingo sokuba nabaqeqeshi abazobhekana ngqo nabagadli nsukuzonke ebholeni lakuleli.

“Kuyadingeka sibe nabaqeqeshi babagadli ebholeni lethu. Mina ngingasebenza noma yikuliphi iqembu,” kwengeza yena. 

UWilliams waba yiqhawe leBafana go-1996 eshaya amagoli amabili emdlalweni wamanqamu behlula iTunisia.