
UMshishi udalula akuxoxa noMbule ngaphambi kokuya kwiPirates
Ukaputeni weMamelodi Sundowns, uThemba Zwane, usedalule ingxoxo aba nayo noSipho “Master Chef” Mbule ngaphambi kokuthi lo mdlali wasesiswini ajoyine i-Orlando Pirates.
USipho Mbule ujoyine i-Orlando Pirates mahhala ngemuva kokushiya iSundowns, lapho engabanga nempumelelo ebibhekwe kuye khona.
Naphezu kwethalente lakhe, ukuthole kunzima ukungena esikimini kuMasandawana waze wagcina ebolekiswa.
Uboolekiswe kwiSekhukhune United ngesizini edlule, kodwa wabuye wadedelwa ngenxa yezinkinga zokuziphatha.
ISundowns ikhethe ukungayivuseleli inkontileka yakhe ngoJuni, okwamvulela indlela yokuthi ashiye mahhala — njengoba esephelele kwiPirates.
UMbule usephinde wathola umgqogqo wakhe, waba ngumdlali obalulekile kumaBhakabhaka waphinde wabuyiselwa kwiBafana Bafana.
UZwane – odume ngelikaMshishi – uveze ukuthi wamkhuthaza uSipho Mbule ngaphambi kokuthi aye kwi-Orlando Pirates, ngoba ekholelwa kuye.
“USipho Mbule nami siyakhuluma; uyazi ukuthi ngihlale ngikhona ukuze ngimeluleke,” kusho uZwane.
“Ngijabulile ukumbona edlalela iqembu lesizwe futhi enza kahle kwiPirates ngoba sikhulumile ngakho ngaphambi kokuthi aye kuyo.
FUNDA NALA | U-Ouaddou uphendula eyokupheka athulule
“Ngamtshela ukuthi unakho okudingekayo ukuze aphumelele futhi abuyele eqenjini lesizwe.
“Ukukubona kwenzeka kube yinjabulo enkulu kimi — ngimjabulele kakhulu.”
USipho Mbule usedlale imidlalo engu-14 kwi-Orlando Pirates kule sizini kuyona yonke imiqhudelwano futhi usize leli qembu lanqoba isicoco seMTN8.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
