EzintshaOrlando Pirates

Wabalekelwa abangani uJele elimele kwiPirates

UHappy Jele, oyinkakha ye-Orlando Pirates useveze usizi abhekana nalo ngesikhathi ezithola elimele, ebalekelwa nangabangani. 

Le nsizwa, eyayidlala emuva neyahlala iminyaka engu-16 kwiPirates, yake yaba nesikhathi esinzima la yayilimele unyaka wonke ingadlali.

“Ukulimala kwami kwangithatha unyaka wonke ngigqigqa kodokotela,” kusho uJele engxoxweni neLisenethini. 

“Ngazithola sengisele ngedwa empilweni njengoba abantu engangithi abangani babengibalekela, beziqhelelanisa nami. 

“Umndeni wami kuphela owaba seduzane nami, unginakekela ngayo yonke indlela yempilo.”

UJele walimala engukaputeni wePirates nagcina ngokuthi kumthathe isikhathi eside ukuphola.

Ekubuyeni kwakhe, wazithola esekhuhla ibhentshi wagcina ngokuthi acelwe ukuba avele athathe umhlalaphansi, athathe omunye umsebenzi eqenjini.

Nokho yena wayesenentshisekelo yokuqhubeka nokudlala ngakho wagcina eqoka ukuyishiya iPirates ayojoyina iRoyal AM. 

Nokho izinto azihambanga ngendlela ayefisa ngayo kuleli qembu laseMgungundlovu, wagcina elishiya ngemuva kwezinyanga eziyisithupha. 

Yize eke wazama ngemuva kwalokho ukuthola elinye iqembu, kodwa useze wagcina enqume ukuvele awaphanyeke ethala amakhokho.