
UMoh Salah uvele washiya intshuqu yomsanka kwiLiverpool
Isihlabani sase-Egypt uMohamed Salah ufake iLiverpool enkingeni ankulu ngekusasa lakhe, ededela ibhomu lenkulumo esuse umsindo.
Lo mdlali uphakamise ukuthi umdlalo wangoMgqibelo ozayo neBrighton ungase ube ngowokugcina kuleli qembu – uma ewudlalile.
Esitatimendeni esishaqisayo ngemuva komdlalo wangempelasonto edlule, uSalah uhlasele abaphathi beqembu waqinisekisa nokungezwani kwakhe nomqeqeshi omusha, u-Arne Slot.
UMoh Salah, obe nesandla empumelelweni yeLiverpool eminyakeni embalwa edlule, ukhulume esidlangalaleni wathi, “le kilabhu ingiphonse phansi kwebhasi.”
Uphinde waqinisa uthuthuva ngokudalula ukubhidlika kobudlelwano bakhe nomqeqeshi uSlot, wathi “kukhona othile ongafuni nokungibona eqenjini.”
Isikhathi adedele ngaso leli bhomu — kuseke izinsuku ezimbalwa ngaphambi kokuthi ayomela i-Egypt kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) — sishiya iLiverpool isodakeni.
Le nkulumo yakhe idonse amehlo kanti manje sekubhekwe iLiverpool ukuthi izothini ngalolu daba lwakhe.
Nasezinkundleni zokuxhumana ihamba phambili. Owayengumgadli we-England neLiverpool uMichael Owen ungomunye wasebephawulile.
U-Owen ungene enkundleni yezokuxhumana i-X, egxeka isinqumo sikaSalah sokuveza izikhalo zakhe esidlangalaleni.
U-Owen ulivumile iqhaza elikhulu likaSalah eqenjini kodwa wayigxeka indlela lesi sitatimende esisingathwe ngayo.
“Oh @mosalah. Ngicabanga ukuthi ngiqonda uzizwa kanjani,” kubhala uSalah. “Usufukule leli qembu isikhathi eside futhi wawina konke obungakuwina nalo.
“Kodwa lona umdlalo weqembu futhi awukwazi ukukusho esidlangalaleni lokhu okushilo. Maduze uya kwi-Afcon.
“Bekumele uzibambe nje, ujabulele ukuyomela izwe lakho bese ubona uma ubuya ukuthi isimo sinjani.”
Ukuphawula kuka-Owen kugqamisa umuzwa osabalele wokuthi uMoh Salah unezikhalo anazo zangaphakathi eqenjini.
Kodwa isinqumo sakhe sokudicilela phansi ikilabhu njengoba eseyokwenza umsebenzi wamazwe ngamazwe asizwakali kahle futhi sixoza ikilabhu.
Njengoba iLiverpool ilungiselela okungaba wumdlalo wokuvalelisa kuSalah ibhekene neBrighton, kubhekwe ngabomvu ukuthi ikilabhu izophendula ithini kule nkinga ebingalindelekile.
FUNDA NALA | I-Arrows igejile idelela u-Ouaddou ngendlela abukeka ngayo
Iqembu lisazokhipha isitatimende esisemthethweni mayelana nale nkulumo yalo mdlali noma ikusasa lakhe.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
