
UMokoena usethole ikhaya elisha ngemuva kokuhlukana nePirates
Obengumdlali wenkulisa ye-Orlando Pirates, u-Neo Mokoena, kubikwa ukuthi usezoqhubeka nomsebenzi esigabeni esikhokhelayo.
Lokhu kulandela ukuthi lo mdlalo esayinwe AmaZulu FC asezodlala eqenjini elikhulu kuwo ngesizini ka-2026/27.
Kubikwa ukuthi Usuthu lusheshe lwanyakaza lwamthatha ngemuva kokuhlukana kwakhe namaBhakabhaka emasontweni ambalwa edlule.
Ngokubika kweFARPost, lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala usevele useziqeqesha naMaZulu. Kubikwa ukuthi usezwana kahle nabanye abadlali.
Omunye wabadlali bekilabhu utshele iFARPost ukuthi uMokoena usengene kahle eqenjini.
“Kubukeka sengathi sekunesikhathi eside elapha. Usengene kahle eqenjini,” kusho lo mdlali.
U-Neo Mokoena ushiye i-Orlando Pirates ngemuva kokuhlala unyaka owodwa kuphela kade esayine inkontileka yeminyaka emithathu neqembu.
Ngesizini edlule ubedlalela iPele Pele FC, okuyiqembu elisebenzisana nePirates, elidlala kwi-ABC Motsepe League.
Lokhu kwenzeka ngemuva kokugqama kwakhe kwiDStv Diski Challenge, lapho aphinde waziqeqesha neqembu lokuqala lePirates.
- FUNDA NALA | Ezishaqisayo ngoMbule kwiPirates
Ubebonakala engomunye wabadlali abancane abathembisayo ekilabhini.
Ukujoyina uMaZulu kumvulela ithuba lokuqala kabusha umsebenzi wakhe ngaphansi kuka-Arthur Zwane.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
