
Kubatshazwa ubungcweti bukaMcCarthy kwiChiefs
U-Aden McCarthy ulibambe ngazo zombili futhi waziqinisa izandla ukuqinisekisa ukuthi aliphunyuki ithuba lokuqala imidlalo kwiKaizer Chiefs.
Lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala ube nesandla ekutheni iChiefs ingangenelwa goli kule midlalo emibili yeBetway Premiership esayidlalile kule sizini.
Ngaphezu kwalokho, uMcCarthy – ozalwa yinkakha yakuleli eyadlala kwiChiefs neMamelodi Sundowns, uFabian McCarthy – uqokwe njengomdlali ovelele kuyo yomibili le midlalo.
IChiefs iyiqale ngegiya elihle isizini ishaya iStellenbosch FC ngo 2-0 ekuhambeni, yabe seyelamanisa lowo mphumela ngokushaya iPolokwane City ngo 1-0 isekhaya kuleli sonto.
Manje, iphini lomqeqeshi kwiChiefs, uCedric Kaze aliwuvali umlomo ngoMcCarthy kanti lincome kakhulu ubungcweti bakhe.
UKaze nguye obambe izintambo – ngokubambisana noBen Youssef – njengoba umqeqeshi oyinhloko, uNasreddine Nabi engekho.
“Labantu abaqoka umdlali ovelele benza impilo yethu ibe nzima ngoba manje (uMcCarthy) usezozibona efanelwe ukuqala yonke imidlalo,” kuncokola uKaze.
“U-Aden ngumfana olungile. Uyingcweti ngendlela aziphatha ngayo enkundleni nangaphandle kwayo…
“Ungumdlali olalelayo kakhulu. Uhlezi eseduze kukaMiguel (Inacio) nabanye abadlali bakulelo zinga (abakhulile eqenjini).
“Uyazi ukuthi amava abanawo azomsiza akhule naye. Nakanjani, uma engaphazanyiswanga ukulimala, uzoya kude kakhulu ngoba ungumdlali osezingeni.”
UMcCarthy usakhe ubudlelwano obuhle no-Inacio enkabeni yodonga lwasemuva lweChiefs, noBradley Cross odlala kwesokunxele emuva.
FUNDA NALA | UCijimpi uvuma eyokuhalela uMabasa weBucs
Le ndawo adlala kuyo uyibanga noRushwin Dortley osalimele okwamanje. UDortley unamava futhi ubesengene nakwiBafana Bafana ngaphambi kokuthi alimale.
UMcCarthy uzobe ebheke ukuqopha umlando ngokuba ngumdlali wokuqala ukunqoba indondo yomdlali ovelele imidlalo emithathu kulandelana uma Amakhosi esebhekene neRichards Bay.
Lamaqembu azogadulisana eFNB Stadium ngoLwesibili oluzayo, ebanga amaphuzu amathathu emdlalweni weBetway Premiership.
