Betway PremEzintsha

Luzanyelwa kwiPSL unkonko lukanozinti waseSenegal

Lo nozinti – ongu-1.98 wamamitha ubude – usanda kuhlukana neqembu abedlala kulo kwiLigue 2 eFrance, iSaint-Ettiene. 

Leli qembu alizange liyivuselele inkontileka yakhe uma iphela ngoJuni, kanti ngokubika kweSoccer Laduma, abamphethe bamfunela ikhaya elisha. 

Kuthiwa ekufuneni kwabo iqembu la ezikhula khona lo nozinti oneminyaka engu-24 ubudala, sebehlonze iPSL njengenamaligi angamnika inselelo efanele. 

“UBoucacar ufuna iqembu elizoba yindawo azokwazi ukuqhubezela phambili umsebenzi wakhe ngemuva kokushiya kwiSaint-Etienne,” kucashunwe ommele esho kanje.

“Sisahlaziya izinketho esinazo kumaligi ahlukene, futhi iPSL nayo ingenye yesibheka kuwo ngoba inamaligi anomncintiswano omkhulu namaqembu aphethwe ngobungcweti.”

Njengoba onozinti bethanda ukuba yinkinga ebholeni lakuleli, uFall engase angakutholi kunzima ukuthola iqembu futhi azinze kuleli.

Amaqembu amaningi akuleli anonozinti bangaphandle ngenxa yakho ukuthi sebethanda ukuba yivelakancane abakuleli abasezingeni elifanele.