Carling Knockout CupEzintsha

UMngqithi uphinde ‘wamshaya ngomzimba’ uMokoena kodwa

UTeboho Mokoena uphinde wasala ngaphandle eqenjini eliqala umdlalo kwiMamelodi Sundowns uTeboho Mokoena, uzoqala ebhentshini.

Lo mdlali kukhulunywe kakhulu ngaye ngemuva kokuthi edlale kahle kwiBafana Bafana, wabonakala ejabulela amagoli ngendlela ebithumela umlayezo kuManqoba Mgqithi.

UMngqithi, oqeqesha iSundowns, akakaze amfake eqenjini lakhe uMokoena kusukela ethathe izintambo zokucija leli qembu ngemuva kokuxoshwa kukaRulani Mokwena. 

Yize kunjalo, uHugo Broos umfakile kwelakhe kwiBafana Bafana futhi washaya amagoli amabili amahle bebhekene neCongo eGqeberha. 

Ngemuva kwalo mdlalo, uBroos waveza ukuthi akaqondi kungani uMngqithi engamdlalisi kwiSundowns. 

Kodwa, njengoba iLisenethini yayike yabika hambilini, uMokoena ubenezinkinga ngaphakathi kwiSundowns.

UMokoena kusolwa ukuthi ubengubhongoza wokukhalaza kwabadlali ngokuxoshwa kukaMokwena ngendlela okwenzeka ngayo.

UMngqithi uthe sebezidlulisile izinkinga abebenazo noMokoena noKhuliso Mudau ngesikhathi ephendula uBroos.

Uthe uBroos kumele anake izindaba zakhe, aphume kwezeSundowns ukuze baqhubeke nokuhloniphana njengabaqeqeshi.  

Eqenjini alisethele umdlalo weCarling Knockout, uMngqithi ubabeke ebhentshini bobabili oMokoena noMudau. 

  • Ibophele kanje iSundowns: Williams – Mvala, Coetzee, Lebusa – Morena, Allende, Maboe, Tiwani – Ribeiro – Mathews, Rayners.
  • Ebhentshini: Onyango, Lunga, Aubass, Mudau, Mokoena, Mkhulise, Lethlaku, Lorch, Shalulile. 
  • Ibophele kanje i-Arrows: Maova – Phillips, Matshiyane, Shitolo, Cele – Zuke, Dube, Zwane, Masuku – Sibiya – Moon. 
  • Ebhentshini: Wasenga, nguse Mutizwa, Mchunu, Mbanjwa, Nxadi, Ndwandwe, Dlamini, Theron.