EzintshaOrlando Pirates

Sekukhona abangisa iPirates kwisethenjwa sayo

I-Orlando Pirates ihudule izinyawo ekuvuseleleni inkontileka yalo mdlali osekuvela ukuthi sekunamanye amaqembu amfunayo.

UDeon Hotto – odlala emuva kwesokunxele, esiswini naphambili – uphelelwa yinkontileka kuleli qembu ngoJuni.

Manje sekuvele imibiko ethi sekunentshisekelo yamaqembu aseNyakathi Afrika naseSaudi Arabia acuthise isindlebe ngalo mdlali. 

UHotto, odabuka eNamibia ujoyine i-Orlando Pirates ngesizini ka-2020/21 ngemuva kokwenza kahle kwiBidvest Wits.

Ngaphambi kokuthi ajoyine i-Orlando Pirates, lo mdlali oneminyaka engu-34 ubudala ubehalelwa nayiMamelodi Sundowns.

Kodwa wayichitha njengoba aveza ukuthi inhliziyo yakhe ikweziMnyama futhi lokho kubonakele ngendlela adlale ngayo. 

Ngokubika kweKickOff, le kilabhu izohlangana noHotto nemenenja yakhe ngemuva komdlalo wokugcina ngoLwesithathu. 

“Indaba kaDeon Hotto ithanda ukuxaka. Njengoba sekusele amasonto ambalwa aphelelwe yinkontileka, akukho asakusayinile. 

“Kulindeleke ukuthi ahlangane nezikhulu kuleli sonto,” kucashunwe umthombo usho kanje. 

“Kunethemba lokuthi kuzosheshe kuvunyelwane, bese ephinde ahlale kwiPirates nangesizini ezayo. 

“Ikilabhu izimisele ukuvuselela inkontileka yakhe yize izingxoxo ziphuzile ukuqala.” 

Kuvela ukuthi iPirates isivele ibelulelile abanye abadlali okukhona kubo uMakhehlene Makhaula no-Evidence Makgopa. 

UMiguel Timm noZakhele Lepasa bona kulindeleke ukuthi bakhululwe ukuthi baye kwamanye amaqembu. 

Bakhona nabanye abadlali okulindeleke ukuthi bakhululwe noma babolekiswe ngesizini ezayo ukuvulela abasha isikhala.

Nokho okubhekwe kakhulu kwiPirates uma sekuvalwe isizini kuzoba wumqeqeshi omusha ezomqasha ukuvala isikhala sikaJose Riveiro.